KUQHUME isililo enkantolo, abebethamele icala bavukwa umunyu ngesikhathi ufakazi echaza indlela enesihluku okwabulawa ngayo isalukazi esasineminyaka engu-81 ayesigada KwaDabeka, eClermont.
UNksz Nonjabulo Ntombela ubefakaza eNkantolo yesiFunda yasePinetown ecaleni lokubulawa kukaNkk Greta Xaba, elithweswe indodana yakhe eyayiyiphoyisa, uMnuz Constable Xaba (48).
Ulandise ngesigameko esenzeka ngoLwesihlanu ebusuku, ngoMeyi 6, 2022, lapho ayekade ehlezi khona nomufi.
Utshele imantshi ukuthi uyamazi uXaba futhi isigameko senzeka enamasonto amabili eqale umsebenzni wokunakekela unina owayephila nokukhubazeka.
“Umsolwa wafika nentombi yakhe kubo, wangena egumbini lakhe lokulala engangilala kulona ngoba yena wayefika emini nangezimpelasonto. Wangena ekameleni wathatha okuthile engingakubona base beyahamba,” kuchaza ufakazi.
Kuthiwa emuva kwesikhashana yabuya yodwa intombi kaXaba eyaziwa ngoPinky, yatshela umufi ukuthi indodana yakhe ixabana nabantu, ibakhomba ngesibhamu yona seyikhuze yancama yagcina idikila ihamba.
Esehambile uPinky, kubikwa ukuthi uXaba wafika kubo ethi uzobheka umakhalekhukhwini wakhe engangeni uma eyishayela.
“Wangena ekameleni wabuya nejakhethi, wacela umufi ukuthi amshayise ucingo kodwa wanqaba, ekhala ngokuthi umsolwa ujwayele ukufika akwelete i-airtime bese engayikhokhi. Waqala lapho wathuka umufi wathi ungcolile, uyamhlukumeza, umise impilo yakhe engasakwazi ukuqhubekela phambili,” kuchaza ufakazi.
Kubikwa ukuthi umsolwa waqhubeka wachapha ngenhlamba umufi emshaya ekhanda ngejakhethi ayeyiphethe.
Ufakazi uveze ukuthi omakhelwane bachaya izandla ngesikhathi eyofunela umufi usizo, bathi bayamsaba umufi unesibhamu.
Kuthiwa wayezwakala esemnyango umsolwa, owayesezivalele nonina endlini, emshaya ngamapulangwe anezipikili ayengemuva kwesicabha nangaphansi kwasofa.
Kuthiwa kwalamula ukufika kwamaphoyisa uXaba awavulela umnyango wasewabuza wathi “senifikile, ubani onibizile?”
“Ugogo wayelele phansi egcwele igazi, kwaphuma isipikili engalweni yakhe. Wayekhala ethi kubuhlungu wezwakala ethi ‘yaz yangibulala ingane yami’. Ugogo waphuthunyiswa ngetekisi emtholampilo wendawo ngenxa yokulimala, wadluliselwa esibhedlela iRK Khan,” kusho uNksz Ntombela.
Ethula ubufakazi ubebuye ame, akhihle esikaNandi, aze aphuziswe amanzi, inkantolo iguqe okwesikhashana. Ubebuye agqolozele endaweni eyodwa kube ngathi usayibona into eyenzeka. Izihlobo zikamufi bezikhala zizwa indlela okwabulawa numufi.
Lo fakazi uthe wathola ngomakhelwane ngeSonto ekuseni ukuthi akasekho emhlabeni umufi ayemshiye esibhedlela ngayizolo.
UXaba uzame ukuzifihla ngokugebisa ikhanda kodwa imantshi yathi akavuke, ahlale aqonde.
Akaqedanga ukwethula ubufakazi lo wesifazane ngenxa yokukhala evukwa umunyu nosizi, icala lahlehliselwa uLwesithathu ngesonto elizayo.