AMAPHOYISA aphenya icala lokubulala emuva kwesigameko lapho kudutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu kwabulawa owesifazane esigcemeni ka-D, KwaMashu.
Kubikwa ukuthi uNksz Nomonde Mkhonza (55) udutshulwe amadoda amabili ngoLwesibili ntambama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umufi ubekade enamanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda.
Uqhube wathi umufi uhlonzwe njengomuntu oshonele endaweni yesigameko.
Kwenzeka lokhu nje, elakuleli libungaza inyanga ka-Agasti ethathwa ngokuthi ngeyabantu besifazane kuqhakambiswa amalungelo namagalelo abo.
Isolezwe lihoshe ngomthombo walo ukuthi umufi ubesanda kuphuma esangweni wahlaselwa.
“Uthe uyaphuma nje esangweni emgwaqweni uNtuzuma, wahlaselwa amadoda amabili akade ehlome ngezibhamu amdubula amahlandla amaningi washonela khona lapho,” kusho umthombo.