KUKHALWA ngobugebengu eVerulam kulandela isigameko sokubulawa kwabathathu kule ndawo ngempelasonto, okuthiwa kukhona kubo nomfundi waseTrenance Park Secondary.
Ngokuthola kweSolezwe, esigamekweni sayizolo kudutshulwe kwabulawa umfundi (18) nomunye abehamba naye (28) emotweni ebebehleli kuyo.
Esigamekweni sangoMgqibelo, kuthiwa kudutshulwe kwabulawa usomatekisi (32) waseMaoti, eNanda, endaweni efanayo.
Kuthiwa kuzo zombili izigameko abasolwa abadubule babhekisa kubafi bebehamba ngohlobo olulodwa lwemoto.
Enkundleni yokuxhumana iFacebook, ekhasini lenkampani yonogada bendawo, iReaction Unit South Africa (Rusa), amalungu omphakathi abelokhu ekhale njalo ngobugebengu nokubulawa kwabantu okudla lubi kule ndawo.
UNksz Busisiwe Sibiya uthe: “Ingabe bayoyeka nini ukubulalana abantu, Thixo?”
UNksz Thandeka Cibane uthe: “Kwaze kwanzima ezweni. Hhayi silokhu sishilo isibhamu. Duduzekani mndeni.”
Echaza ngesigameko sayizolo okhulumela iRusa, uMnun Prem Balram, uthe kushone umfundi (18) nowesilisa oneminyaka engu-28 abehleli naye emotweni.
“Isigameko okushone kuso laba ababili senzeke eNtombe, eTrenance Park. Onogada beRusa bathole izingcingo emalungwini omphakathi bebizelwa endaweni yesigameko emva kuka-2 ntambama. Lokhu kwenzeke emva kokuthi abantu ebebehamba ngeToyota Etios, izinombolo zayo ezingaziwa, bevulele ngenhlamvu bebhekise kwababili ebebehleli emotweni yohlobo lweVW Polo,” kusho uBalram.
Uveze ukuthi abasolwa baqale badlula ngemoto kodwa babuye bajika sebephambidlana bafike badubula bebhekise kubafi ngohlobo lwesibhamu esikhulu.
Uthe kusolakala ukuthi abafi bebengabangani kanti kucoshwe inqwaba yamagobolondo ezinhlamvu endaweni yesigameko.
KwesangoMgqibelo isigameko, kuthiwa kudutshulwe kwabulawa usomatekisi (32) waseMaoti ngabo-7 ebusuku.
Uthe ngesikhathi abeRusa befika endaweni yesigameko bathole isidumbu sikamufi ebesiphelile yizinhlamvu sidindilizile eduze kwemoto yohlobo lweSuzu.
“Kuthiwa umufi ubehamba ngemoto yakhe eTrenance Park ngesikhathi abasolwa ebebehamba ngeToyota Etios bevulela ngenhlamvu bebhekise kuye. Umise imoto wazama ukubaleka ngezinyawo kodwa wawa ngenxa yokulimala,” kusho uBalram.
Uveze ukuthi kulesi sigameko kutholakale amagobolondo ezinhlamvu ezingu-21.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kukasomatekisi (32) nelokuzama ukubulala umakhelwane abehamba naye ngoMgqibelo.
Uthe imbangela yokuhlasela ayikaziwa, isaphenywa. Izolo ntambama uthe usabheka imininingwane ngesimeko sokubulawa kwababili.