AMAPHOYISA athungatha abasolwa abaqothe ngenhlamvu abantu abayisithupha eNew Brighton ezintathakusa zangoMgqibelo.
Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko, kuthiwa omakhelwane bezwe ukuqhuma kwesibhamu phakathi kuka-1 no-2 ezintathakusa, kwathi ngo-6.45 ekuseni bayohlola isimo emzini obekuqhuma kuwo isibhamu osemgwaqeni uRamba, bathola umnyango uvulekile.
“Kutholakale izidumbu zabantu abane, abesilisa abathathu nowesifazane oyedwa zidindilizile egumbini lokuphumula. Esinye sowesifazane sitholakale ekhishini kanti esinye besisekamelweni nengane eneminyaka emithathu engalinyazwanga,” kusho okhulumela amaphoyisa kuleya ndawo, uColonel Priscilla Naidu.
Abashonile baneminyaka ephakathi kuka-25 no-35 ubudala. Ezinye izidumbu bezinamanxeba okugwazwa nokudutshulwa kodwa ezinye zidutshuliwe kuphela.
Kuthiwa lo muzi ngokamakhenikha kanti uvame ukuhlala abantu abadla izidakamizwa. Imininingwane yabafile isagodliwe kuze kube kwaziswa imindeni yabo.
UKhomishana wamaPhoyisa kulesi sifundazwe, uMaj Gen Thandiswa Kupiso, uthe leli cala liphenywa wuphiko oluphenya amacala ahleliwe eGqeberha. Lolu phiko lunikwe amahora ango-72 ukuba luqoqe ulwazi nobufakazi obuzoholela kubasolwa kuleli cala
Kunxuswa abangaba nolwazi ngaleli cala ukuba baxhumane noD/Colonel Willie Mayi ku-082 697 5914 noma ashayele iCrime Stop ku-08600 10111.