KUQOSHWE umlando ngomcimbi wokuhaya izinkondlo obuqhakambisa ukusetshenziswa kobuchwepheshe.
Lo mcimbi obubizwa ngokuthi i-Poetry On The Lawn ubungowokuqala ukuthi abahayi bezinkondlo balalelwe ngabahambeli bomcimbi bezebenzisa ondlebekazizwa (headsets).
Echaza uMbali Malimela, uthe uhlele lo mcimbi ngaphansi kwenkampani iBantu Origin ibambisene neNational Arts Council (NAC) ngenhloso yokuthi kuvele amaciko aseThekwini.
“Besifuna ukuhlanganisa ababhali bezinkondlo nababhali abasabasha kulo mkhakha ukuze
UMalimela uphinde wabonga izinkampani ebezimxhasile kulo mcimbi iNational Arts Council (NAC), indawo yokudlela i-One Durban, i-Hear My Voice, ozakwabo emkhakheni wezobuciko uSphe Chiliza noNosipho Gumede.
USindiswa Zulu ongumhayi wezinkondlo waseLamontville uthe ujabule ukuba yingxenye yalo mcimbi ngoba uyingqophamlando.
Uphinde wathi lo mcimbi ubuyimpumelelo ngoba unikeze abantu abanemisebenzi eqoshiwe ithuba lokuveza amakhono abo. Waphinde wathi lokhu kuzogqugquzela abantu abasafufusa ukuthi bawusukumele umsebenzi wabo futhi bawuqophe.
“Lo mcimbi ukhombisa ukukhula komkhakha wezinkondlo nakubahayi bezinkondlo abaseThekwini. Sizothola nethuba lokufunda izindlela ezintsha zobuchwepheshe ngoba siphinde sahlangana nezitshudeni zasemanyuvesi,” kusho uZulu.
UNhlakanipho Thabethe owaziwa ngelikaSteel The Poet waKwaDukuza, uthe umcimbi ubumnandi ngoba ubuhlukile emicimbini ajwayele ukuyi hamba.
“Ngifisa lo msebenzi uqhubeke ungapheli namhlanje ukuze nabanye abathanda izinkondlo bezowuhambela,” kusho uThabethe.