UKHISIMUSI ususemnyango, nodado sebeqalile ukubala kubazali babo izinto abazithandayo kodwa kubafelokazi nezintandane akunjalo.
Ukushintsha lokhu, inhlangano yaseMpangeni engenzi nzuzo, iKhanyamsamu Foundation, kaMnuz Sbonelo Nxele namakhosikazi akhe amane, seyiqale izinkonzo zokuqoqa iminikelo yezintandane nabafelokazi. UNxele uthe izinkonzo baziqale ngesonto eledlule, koze kulamule ukuphela kukaNovemba.
Inhloso enkulu wukuqinisekisa ukuthi baqoqa iminikelo, izimpahla nokudla okwanele ukulekelela imindeni ebhekelwe ngabafelokazi nezintandane.
"IKhanyamsamu yinhlangano ebhekele wonke umuntu nokwenza izinkonzo zihlanganise namanye amabandla. Inhloso wukuthi kusizakale abantu, ikakhulu izintandane nabafelokazi. Sifuna babe noKhisimusi njengabo bonke abantu. Ngesikhathi siwuqala lo Khisimusi inhloso kwakungukusiza ogogo abahlala nabazukulu, ngokubona ukuthi noma behola impesheni kodwa kayenele. Kube sekuvela inqwaba yabantu abangabafelokazi. Sabona kungcono siphumele ngaphandle, sicele usizo," kusho uNxele.
Eqhuba uthe yize bengumndeni benalo uhlelo lwezijumbane abanikelela abantu ngazo kodwa akwenele ngoba siyakhula isibalo sabaswele. UNxele uthe uKhisimusi wehluke kakhulu futhi wusuku izingane okungamele zizwele ngalo noma ngabe isimo sasekhaya kasisihle.
Uthe bazivulile izandla nakwezinye izinhlangano ezingakwazi ukulula isanda, zibaphonsele iminikelo. UNxele uthe kababhekile nje umnikelo wemali kodwa nezimpahla zokugqoka, amathoyizi, ukudla nokunye okungasiza le mindeni.
Izinkonzo zabo uthe zizoqhubeka kuze kuphele uNovemba, bese ngoDisemba 16 bedlulisele iminikelo kubafelokazi nezintandane.