AZOBE ephakwe ngobuningi bawo amaphoyisa ukuqapha okuzobe kwenzeka emjahweni wamahhashi omkhulukazi iHollywoodbets Durban July, eGreyville.
Kulindeleke ukuthi asebenze ngokubambisana nezinye izinhlaka zezokuphepha okubalwa onogada ngoMgqibelo.
Amaphoyisa akhumbuze abantu abazothamela lo mjaho ukuthi bazoseshwa bese kushaqwa izinto ezingavumekile ukuba umuntu angene nazo.
Ezinye zalezi zinto kubalwa ummese, isibhamu, amabhodlela kanye notshwala.
Okhulumela amaphoyisa eThekwini, uCaptain Carmen Rhynes uthe nakulokhu amaphoyisa azobe esebenzisa izindlela zokuphepha ebekade zisetshenziswa esikhathini esidlule.
“Amaphoyisa azotshalwa lapho kusingathelwe khona umjaho nasedolobheni ukuze kunqandwe izigameko ezingase ziwuphazamise. Azosiqapha isimo ukuze aqinisekise ukuthi uphephile futhi kunozinzo,’’ kusho uCapt Rhynes
Unxenxe bonke abazobe beyingxenye yomjaho ukuba baziphathe kahle futhi baqinisekise ukuthi izinto zabo zihleli ngononina. Uthe kumele bazi ukuthi kungenzeka kube notsotsi abaphithizela khona esixukwini.
Ube esexwayisa abantu abazoshayela bebukhile, wathi bazokhalelwa amasongo kaSigonyela.
“Maningi amaphoyisa azobe etshalelwe ukuthi alawule ukuhamba kwezimoto ezize emjahweni. Abantu bayanxuswa ukuthi basebenzise eminye imigwaqo ngesikhathi somjaho. Kunemigwaqo ezovalwa enkabeni yedolobha eThekwini,” kusho amaphoyisa.
Eminye yemigwaqo ezovalwa u-DLI Avenue, Gladys Mazibuko Road, Avondale noHaden.
Kuzothikamezeka uMitchell Cresent, u-5th no-6th Avenue noClarence Road.
Amaphoyisa athe izobe incane indawo ehlelelwe ukuba kupakwe khona izimoto ngakho abazohambela umjaho bayanxuswa ukuba basebenzise izithuthi zomphakathi.
“Labo asebethenge amathikithi endawo yokupaka imoto ngaphakathi banxuswa ukuthi bangene esangweni elingasedolobheni lomgwaqo uDLI Avenue. Bayanxuswa ukuba bafike kusenesikhathi ukuze bagweme isiminyaminya esangweni,” kusho amaphoyisa.