KUBE nemvunge yenjabulo eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, izolo, ngesikhathi enqatshelwa ibheyili umfelokazi wephoyisa loMkhandlu weTheku eladutshulwa labulawa ngoMeyi, nonyaka.
Izolo, uNkk Nongcebo Faith Ntombela ongummangalelwa wokuqala ecaleni lokubulawa kukamyeni wakhe, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, ubekade ezolalela ukuthi uyayithola yini ibheyili.
UNkk Ntombela waboshwa ngamaphoyisa ngemuva kokuba kudutshulwe kwabulawa umyeni wakhe, uCaptain Ntombela.
UNtombela wafa ngokudutshulwa njengoba ahlaselwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza, maphakathi nonyaka.
UNkk Ntombela ubekade enze sicelo sebheyili nothishanhloko uMnuz Sithembiso Khumalo ongummangelelwa wesibili, yena oyitholile ibheyili kaR5 000.
IMantshi uNgcobo ibeke izizathu ezintathu okuyizona ethe ziyimbangela yokuthi ingamnikezi ibheyili uNkk Ntombela.
Eqhulwini, ibalule isizathu sokuthi kungenzeka alibalekele icala njengoba akwazi ukuthi ashintshe indawo yokuhlala wayohlala eMontclair, ngemuva kokuba esetholile ukuthi amaphoyisa ayamfuna.
"Akulula ukuthi inkantolo ingathemba umuntu owakhetha ukuthi ashintshe indawo yokuhlala,'' echaza.
Isizathu sesibili esibekwe yimantshi ngesokuthi umphenyi wecala, uMnuz Sibusiso Ntshangase, ukwazile ukuveza obala ukuthi ngempela uNkk Ntombela kunezikhawu lapho ayezama khona ukusabisa ofakazi.
"Ukuze leli cala liqhubeke kahle akumele kube khona othile okuthiwa usabisa ofakazi. Lokho kuyicala elinzima,'' kusho imantshi.
Imantshi isiphikisile futhi isizathu esabekwa uNkk Ntombela encwadini efungelwe sokuthi ufuna ibheyili ukuze ezonakekela izingane zakhe ezine neyodwa ephila nokukhubazeka.
"Ukube wayenendaba ngempela nabantwana bakhe wayengeke aqale ngokuthi anqabe ukuthi enze isicelo sebheyili. Kwakungeke kumthathe izinyanga ezimbili ezigcwele ukuthi enze isicelo sebheyili,'' isho kanje imantshi.
Iqhuba, ichaze uNkk Ntombela njengommangalelwa oyingozi ongalibalekela icala futhi ongaqhubeka nokusabisa ofakazi uma engadedelwa.
Imantshi igcizelele ukuthi kusemahlombe ayo ukuqinisekisa ukuthi bayavikeleka bonke ofakazi abasazoza phambili bezothula ubufakazi babo kuleli cala.
"Ngenxa yalezi zizathu inkantolo ikubona kungalungile ukuba ummangalelwa wokuqala imnikeze ibheyili,'' isho kanje maqede kwezwakala umkikizo kumalungu omphakathi nawomndeni wakwaNtombela abesenkantolo.
Ummeli kaNkk Ntombela, uMnuz Ashwin Rughbeer, nayizolo ubesakuphika ukuthi uNkk Ntombela uke wazama ukusabisa ofakazi.
Ngakolunye uhlangothi, imantshi ithe ayinaso isizathu esingadala ukuthi imnqabele ibheyili uKhumalo.
Ithe ummeli wakhe, u-Advocate Mdu Mvune, ukwazile ukubeka izizathu ezimqoka eziholele ekutheni aphume.
"Lo muntu unguthishanhloko esikoleni. Unomndeni awubhekile KwaMaphumulo. Uphinde abe nebhizinisi ngakho-ke akulula ukuthi angakudela konke lokhu abalekele icala,'' isho kanje.
Nokho ithe imdedela ngaphansi kwebheyili enemibandela. Phakathi kwayo, ithe kumele ayosayina kabili ngesonto esiteshini samaphoyisa saKwaMaphumulo.
Umbandela wesibili ngowokuthi angalenzi iphutha lokusabisa ofakazi.
UMnuz Nkosinathi Ntombela oyiwele likamufi, uthe kabaneme ngokudedelwa kukaKhumalo. Wathi kodwa kuhle ngoba uNkk Ntombela uzoqhubeka nokuhlala esitokisini.
Leli cala libe selihlehliselwa uJanuwari 30, 2024.