BEKUWUBUWELELE, kuqhuma isililo abanye bezama ukubuyela emuva belandela abazali babo odado abaqalayo ukuya esikoleni nonyaka, ngesikhathi kuvulwa izikoleKwaZulu-Natal, izolo.
Bathwale kanzima abazali nothisha eKwazubumnandi Pre-primary, inkulisa ekwa-V eMlaza, bencenga odado abebekhala ubuqanduqandu bengayizwa eyokusala ngoba bekuwusuku lwabo lokuqala.
Nakuba bekuzalele ihlokohloko kodwa abanye odado bebengazi nokuthi lidumephi, sebezitholele nabangani abasha bedlalakunjeya.
Inkulisa iyingxenye yezikole ezine esifundazweni ebezisohlwini lokuvakashelwa yizikhulu zikahulumeni wesifundazwe nozwelonke. Phakathi kwezikhulu kubalwa uNgqonqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke uNkk Angie Motshekga, owesifundazwe uNkk Mbali Frazer noNdunankulu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Ekhuluma nabezindaba emva kokuhlola uhlelo lokuvulwa kweNkonkoni Primary, eMlaza, uNkk Frazer ukuqinisekisile ukuthi isifundazwe sikulungele ukuvulwa kwezikole. Wathi izincwadi sezithunyelwe ezikoleni eziningi ngaphandle kwalezo ezehlelwa umshophi wokugqekezwa.
“Okwamanje asikazi ukuthi sinabafundi abangaki kulo nyaka esifundazweni. Ngakho sisazolinda izinsuku eziwu-10 ukunika isikhathi ekutheni kubhalise nalabo ababenezinselelo ezehlukene ngesikhathi kuvulwe ithuba lokubhalisa nyakenye. Kusuka lapho sizobe sesazi ukuthi singakanani isibalo sabafundi esinabo,” usho kanje uNgqongqoshe weMfundo eKZN.
UNkk Mbali Frazer uqhube wathi ngeke bakushalazele ukuthi ikhona inselelo yokuthola othisha abanele ezikoleni kodwa umnyango wenza okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi alikho ikilasi elingenaye uthisha.
Ekuqaleni kwesonto, umholi we-Action SA esifundazweni uMnuz Zwakele Mncwango, uhambele isikole iBhekisisa High, eNtuzuma, okuthiwa sacekelwa phansi ngamalungu omphakathi ngo2014. Ukhala ngesimo sesikole njengoba kuze kube yimanje asikalungiswa.
UNkk Frazer ukuqinisekisile ukuthi isikole sizolungiswa. UNkk Motshekga uthe njengohulumeni babhekene nezinselelo zezakhiwo ezindala ezikoleni, okumele zilungiswe.
“Ingqalasizinda iyinkinga enkulu okumele kubhekwane nayo. Ezinye izikole uyabona ukuthi zisenesakhiwo zangezikhathi zobandlululo. Kodwa, ngaphandle kwezinselelo umnyango obhekene nazo, ngijabule ngomsebenzi wothishonhloko abathi nakuba isimo sezakhiwo singekho ezingeni kodwa izingane zizofunda,” kusho uNkk Motshekga.
UNkk Dube-Ncube uqinisekisile ukuthi kunohlelo lwabafundi abaphuma emindenini ekhahlanyezwa izikhukhula, olusungulwe umnyango emasontweni amathathu edlule lokubatholela izikhala ezikoleni abasondelene nazo.
Wathi labo abanezinselelo zokuthola izikole eziseduze, uhulumeni uzobatholela ezokuthutha ukuya nokubuya ezikoleni.
Ezinye izikole ezivakashelwe yizikhulu, kubalwa esezingane eziphila nokukhubazekile iBright Future Specialism, eParlock eThekwini, ne-Anton Lembede Mathematics Science and Technology Academy eLa Mercy.