KUVELE kwaqhuma isililo eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngesikhathi ilalele ubufakazi bokubulawa ngesihluku kukamama nengane yakhe, okwatholakala izidumbu zabo zilahlwe KwaDabeka, eClermont.
Isiboshwa uSithembiso Lamola, besethula ubufakazi futhi sidalula ukusuka nokuhlala ngokwenzeka kubulawa uNkk Simangele Simamane, noSibongakonke Mthembu (12).
Kuthe uma uLamola ebizwa ukuthi afakaze wasukuma wama phuhle, ujele wamqaqa amaketanga abefaswe ngawo izinyawo waqonda ebhokisini lofakazi.
Abasolwa okungoNkk Pamela Zamisa, nendodakazi yakhe u-Andile, bebembuka bemjeqeza besebhokisini labasolwa bephethe ipeni nephepha beqobela phansi konke abezokusho.
Enkantolo bekukhona amalungu omndeni wakwaSimamane, elinye lawo okunguNkk Nomkhosi Simamane, elivele laqandula lasho phezulu ngegila ngesikhathi lizwa uLamola echaza ukuthi izidumbu wazithola zinjani ngaphambi kokuba ayozilahla.
Kube kwanomunyu nosizi kwaze kwaphuma omunye wabashushisi kwababili namanye amalungu omndeni akwaSimamane ayomthulisa ngaphandle eNkantolo.
Ngemuva kwesikhashana ubuyelile ngaphakathi esethule. Icala liyaqhubeka.