KUQHILIKE izihlathi emindenini emine yaseZwelibomvu, eThekwini, okuthiwa yasala dengwane kugasela izikhukhula zanyekenye kwacekeleka phansi imizi yayo inkampani ebhaka izinkwa i-BB Bread ngokubambisana ne-Habitat for Humanity South Africa, beyinikelele ngezindlu ezine, ezigcwaliswe ngefenisha, izolo.
Emcimbini wokudlulisela ngokusemthethweni kwalezi zindlu obusehholo lomphakathi khona eZwelibomvu, Isolezwe beliyingxenye yawo njengoba linikelele le mindeni ngama-voucher okudla kaR1 000 umndeni ngamunye.
UMnuz Michael Zungu ongomunye wabahlomule kulo mnikelo ohlala nezingane zakhe eziyisithupha, uthe uswelwe imilomo eyizinkulungwane ukubonga ngokwakhelwa kabusha umuzi.
“Umuzi wami walimala kakhulu ngesikhathi sezikhukhula. Ngakhelwe indlu khona egcekeni, ngijabule kakhulu. Ngiyabonga kakhulu, abakwenze kithina bakwenze nakwabanye,” kusho uZungu.
Ekhuluma kulo mcimbi uMnuz Julian Songozo oyiManagement Executive kwa-BB engaphansi kwePremier Foods, uthe emva kwenhlekelele eyashiya abantu abevile ku-4 000 bengenamakhaya, inhlangano engenzi nzuzo i-Habitat for Humanity South Africa yabanxenxa ukuthi belule isandla ukulekelela imindeni emine eyakhahlamazeka kakhulu kuleya ndawo.
“Kuvele kunemikhankaso yethu esiyenzayo esiqoqa ngayo imali yokulekelela umphakathi okuyiwona ongamakhasimende ethu. Emuva kwenhlekelele edalwe yizikhukhula zango-Ephreli nyakenye, sithe ngeke sihlale sisonge izandla.
“Sibambisane nale nhlangano engenzi nzuzo ukwakhela imindeni izindlu ezingamagumbi amane umuzi ngamunye, sazigcwalisa ngefenisha saphinda safaka namathangi amanzi kuyo,” usho kanje.
Uthe basebenzise uR1 million ukwenza lo msebenzi.
Isikhulu esiphezulu kwa-Habitat for Humanity South Africa, uMnuz Kgotla Bantsi, sithe kubajabulisa kakhulu ukulekelela umphakathi abakwenze ngokubambisana nabakwa-BB.
“Akusikhona kuphela ukudlulisa izindlu kodwa ukusebenza ngokubambisana nomphakathi. Ukuba nomuzi yikhona okubuyisa isithunzi nethemba emindenini, ngakho siyajabula kakhulu ukuthi namhlanje kufezeke izifiso zeminye imindeni zokuba namakhaya angcono,” kusho uBantsi
Osebenza ophikweni lwezokukhangisa kwiSolezwe, uNksz Phumi Mkhize, uthe kubathokozisile ukwelula isandla kule mindeni.
“Isolezwe linikele ngama-voucher okudla emindenini ukuqinisekisa ukuthi ayilali ingadlile, Siyabonga kakhulu nabakwa-BB Bread ngokusinika leli thuba ukuthi sibambisane nabo ukusiza umphakathi,” kusho yena.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Mbuyiseni Mkhize nenduna uMnuz Magcaba (esingenalo igama lakhe), babongele le mindeni.