Ibulawe nabanye abathathu induna yaseCharlestown, eNewcastle, ehlaselwe emzini wayo ngabantu abangaziwa abebehlome beyizingovolo ngeSonto.
Kulesi sigameko kufe induna uNkk Lucia Nonina Mahlaba (42), indodana yakhe uMnuz Thando Mahlaba (22), umngani uNksz Asanda Zikhali (19) nomakhelwane obebizwe yinduna ukuthi azobasiza, uNkk Shonaphi Mbatha (50).
UNkk Mahlaba kuthiwa ubeyinduna esizweni sakwaShabalala.
Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukungadalulwa, abasocongi bajikise umufi (Asanda Zikhali) obesevalelisile kade evakashele uThando (naye oshonile).
“UNkk Mahlaba uvule umnyango, ezwa izwi lika-Asanda, ezitshela ukuthi ukhohlwe okuthile. Uthe uma evula, baqala kuye u-Asanda, balandela ngaye uNkk Mahlaba, okwazile nokho ukuphulukundlela abaleke,” kuchaza ilungu.
Liqhube lathi uThando yena udutshulwe ngesikhathi ephuma ekamelweni lakhe ezobheka ukuthi kwenzekani. Lithi ubuzwe ukuthi sikuphi isisefo semali nesibhamu, akulandulile wathi abanakho.
Libuye lathi ubengakaze abatshele uNkk Mahlaba ukuthi impilo yakhe isengcupheni kodwa laveza ukuthi kukhona amanye amalungu omndeni amabili, adutshulwe ngendlela efanayo nyakenye kuyo lendawo.
Umakhelwane ocele ukuthi angadalulwa uthe, uNkk Mahlaba ubalekele ensimini eseduze, wabamemeza ukuthi bazomsiza.
Uthe baphume bonke bathi uma befika kuye, wacela ukuthi bamphuthumise esibhedlela washo nokuthi ucela kuyobhekwa nasekhaya ngoba ushiye abahlaseli bedubula abebesendlini.
“Besisathi siyambamba siyamphakamisa ngesikhathi abahlaseli bebona ukuthi siyamsiza, baqala phansi badubula bebhekise ngakithi. Sibaleke sagcwala yonke indawo, kwasala uNkk Mbatha yena ongakwazi ukugijima, kwaba udutshulwa kanjalo. Ushonele endaweni yesigameko kanye noNkk Mahlaba abamqedele.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe kuhlasimulisa umzimba ukusocongwa kwenduna yesifazane nabathathu.
“Kuyakhathaza ukuthi umuntu wesifazane ongenawo amandla okuzivikela nabesilisa abasebancane babulawe ngendlela enesihluku ngale ndlela,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Uthe bayasibonga isibindi somakhelwane abazame ukusiza esigamekweni esinesihluku, wathi badlulisa amazwi enduduzo kuyo yonke imindeni yabashonile.
Uthe kuyakhathaza nokho ukuthi kuphinde kwenzeke isigameko sokubulawa kwenduna yesifazane, kungakapheli zinyanga ezitheni kubulewe iNkosi uKhumalo nomkayo, uMaDlamini waseMadlangeni, nabo ababulawa ngendlela efanayo.
“Izigameko ezifuze lezi zitshala ukwesaba emphakathini, zenze ukuthi kungabi bikho uzinzo ezindlini zobukhosi bomdabu,” kubeka uNkk Sithole-Moloi.
Uphethe ngelithi banxusa izinhlaka zomthetho ukuthi ziphenyisise ukuze kwenzeke ubulungiswa emindenini elahlekelwe.
Ikhansela lendawo, uMnuz Njabulo Nkosi okhulume neSolezwe esendleleni eya emndenini wakwaMahlaba, uthe kukhulu ukukhathazeka okukhona emphakathini kulandela isigameko.
Uveze ukuthi lokhu kwenziwa ukuthi seziyinsakavukela umchilo wesidwaba izigameko zokuhlaselwa kwabantu emakhaya endaweni.
“Cishe bayisishiyagalolunye abantu asebebulewe kusuka ngoNovemba nyakenye. Abantu bathuswa nawukuthi le ndawo isemakhaya, akulindelekile ukuthi ibe nezigameko ezifuze lesi” kusho uNkosi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseCharlestown aphenya amacala amane okubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe abane ngeSonto.
“Kuthiwa abasolwa abangaziwa bahlasela abagilwa, babadubulula, bababulala. Imbangela yokubulala ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.