IGAMA likaLongwe Twala, livelile futhi enkantolo njengomuntu owadubula uSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates, neBafana Bafana. Isilomo esinguMeyiwa sadutshulwa, sabulawa kubo kwentombi yaso uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng.
Bahlanu abalisa ababhekene necala lokubulala uMeyiwa kanti bonke bayawaphika amacala abathwese wona. U-Advocate Charles Mnisi, omele ummangalelwa wesithathu uMnuz Mthobisi Mncube, uveze ukuthi ugodle ufakazi ozotshela inkantolo ukuthi uMeyiwa wadutshulwa elamula uZandi Khumalo noLongwe.
UMnisi uthe ufakazi uvikelwe kakhulu ngenxa yokuvikela impilo yakhe njengoba ezofakaza kuleli cala. UZandi nguyena obeqhubeka nokufakaza enkantolo ngoLwesihlanu, ngesikhathi kuvela lokhu.
UZandi ongudadewabo kaKelly, wayethandana noLongwe ngesikhathi kubulawa uMeyiwa. ULongwe ungomunye wofakazi abazobizwa kwababekhona endlini. UMnisi ubehloma uZandi ngemibuzo wase ehosha isitatimende sikafakazi thizeni, athe uzobizwa azochaza ngokuthi uMeyiwa wadubuleka elamula.
“Ufakazi lo ongeke adalulwe ngenxa yezizathu zokuphepha, uzofika athi wathola ucingo kuKelly kodwa lwanqamuka bengakaxhumani kahle wathi uyamshayela wangabe esamthola. Ufakazi wabe eseshayela uTumelo Madlala ucingo, okunguyena owatshela ufakazi ukuthi uSenzo ushawe yinhlamvu elamula uZandi noLongwe,’’ kusho uMnisi.
UMnisi ube esebuza uZandi ukuthi angaphendula athini ngalokho okubhalwe esitatimendeni sikafakazi. UZandi uthe akakwazi lokhu.
“Mina noLongwe sasingalwi sasisesimeni esihle kabi, yingakho ngaze ngamumemela ekhaya,’’ kusho uZandi.
Okunye okuvelile esitatimendeni sikaLongwe wukuthi uzotshela inkantolo ukuthi yena wasibona isibhamu esadubula uMeyiwa. Usichaza ngokuthi yiRevolver 3.8 Special kanti uZandi uthe akasazi kahle kodwa waqaphela ukuthi kwakuyisibhamu esimnyama.
Icala lisheshe laguqa ngo-2.30 ngesikhathi sekungene u-Advocate Zithulele Nxumalo, ephosa imibuzo kuZandi. Ijaji lizamile ukuthi kuqhutshekwe kodwa abameli bathi aliguqe kubonwe ngoMsombuluko. Kulindeleke ukuthi uNxumalo aqhubeke nokuphosa imibuzo kuZandi ngoMsombuluko, kuqhubeke nabanye abameli.