OFAKAZI boMbuso ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, abasebenza ngobufakazi bamaselula baqinisekise ubufakazi obaninda ummangalelwa wesithathu, uMnuz Mthobisi Mncube noKelly Khumalo. UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates, neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kaKelly, eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Icala liqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho okushushiswa khona abalisa abahlanu abayamaniswa nokufa kukaMeyiwa. Bonke bayawaphika amacala bathi babhecwa ngobende inyama bengayidlanga.
Ofakazi ababiziwe bebezochibiyela kulokho okwashiwo nguColonel Lambertus Steyn, owaninda uKelly eveza ukuthi wake wathintana ngocingo nommangalelwa wesihlanu, uMnuz Sifisokuhle Ntuli. USteyn wadalula nokuthi ubufakazi bokuxhumana kwabamangalelwa ngamaselula ethi bayazana.
UMbuso uqale wabiza ufakazi wawo uMnuz Elphas Mushwana, owayeyiphoyisa kodwa osewashiya, waqashwa yinkampani ezimele. UMushwana uthe wayesebenza emaphoyiseni ecwaninga amaselula ehlanganisa ubufakazi kanti kukhona okwalethwa kuyena okuthinta icala lokufa kukaMeyiwa.
Uthe iselula kaKelly wayicwaninga kwaphinda kwalethwa nekamufi uMeyiwa, i-Apple iPhone kodwa yona akakwazanga ukuyicwaninga ngoba yayivalwe ngenombolo eyimfihlo. IJaji uRatha Makgoathleng libuzile ukuthi amaphoyisa akuleli awanayo yini imvume yokuvula amasela e-Apple iPhone ngoba kwamanye amazwe banayo.
“Ngiyakhumbula ukuthi nasecaleni likaPistorius kwaba nenkinga efanayo yokuthi iselula ayivuleki nokwaholela ekutheni igcine ingacwaningwanga,’’ kusho ijaji. Odabeni lukaPistorius kwavela ukuthi uthe useyikhohliwe inombolo yokuvula iselula.
Ufakazi wesibili woMbuso uSeargent Petros Mduduzi Nkosi, ufakaze ngokuthi iselula kaMncube ongummangalewa wesithathu, yalethwa kuyena emuva kokuboshwa kwakhe ngecala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Phambilini uColonel Steyn wethula ubufakazi obuhambisna nobukaNkosi, ethi wacela ukuthi bamtholele ulwazi kwiselula kammangalelwa. UMshushisi u-Advocate George Baloyi, uthe bavumelene nabameli ukuthi lisheshe liguqe icala sebeyobiza ufakazi omusha ngoMsombuluko uma selibuyela enkantolo.