UBHEKWE yisambane uMasipala weTheku, ngemva kwemibiko yokuthi uphenywa yiMotsepe Foundation ngezinsolo “zokunyamalala” kwemali ewu-R30 million, okwakufanele isetshenziselwe ukungcwaba abantu abashona ngezikhukhula.
IMeya kaMasipala waseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda, ikhuluma izolo esithangamini nabezindaba eMega City, eMlaza, ithe bayalwamukela uphenyo ngezinsolo zokunyamalala kwemali.
Uzwakalise ukuzethemba wathi ayikho imali eyafinyelela kubona kodwa wathi kwagcina ngokuthi bathole amagama abantu okwakufanele bangcwatshwe.
Uthe okwabo kwakungukuhambisa amagama ekomitini elaliqokelwe ukuthi lengamele ukusetshenziswa kwemali.
“Ayikho imali eyadluliselwa kithina njengomasipala kulo-R30 million. Besifike silande izicelo zomphakathi nomndeni eshonelwe sizihambise kwi-foundation. Ikomiti elakhiwe yile nhlangano yilona elalithatha isinqumo ukuthi isicelo siyasamukela noma cha,’’ kuchaza uKaunda.
Uqhube wathi bayakweseka ukuthi kube nophenyo olwenziwayo uma kukhona okusolekayo. Ugcizelele ukuthi abahambisani nenkohlakalo.
“Uma kukhona isandla senkohlakalo ekudlulisweni kwale mali ngosizi lwabantu bakithi kumele kuphenywe ukuze izigilamkhuba zibhekane nengalo yomthetho,’’kuqhuba imeya.
UKaunda uthe imali yayingabekeliwe ezinye izinto ngaphandle kokubhekela imingcwabo kuphela. Izolo bekuphela unyaka kwahlasela izikhukhula ezadlula nemiphefumulo yabantu abangu-450 KwaZulu-Natal.
Kwavalwa ngehlahla eThekwini, ngoba babengu-400 ababhubha khona. UKaunda uthe bangu-76 namanje abantu abangakatholakali. Ube esedlulisa amazwi enduduzo emindenini eyalahlekelwa wathi bakanye nabo kule ndlela abayihambayo.
Ubalule nanokuthi basanda kuthola uR1,5 billion wokulungisa umonakalo wezikhukhula njengoba sebelungise izinhlelo ezingu-600 kuhlanganisa nepayipi lendle laseMlaza. Uqhube wathi sebezilungise zonke iziphehlimandla zikagesi ezingaphezu kuka-100 ezacekeleka phansi.
ITheku libeke isabelo mali engu-R2 billion ukubhekana nezinhlelo ezithinta ugesi. Kule mali uthe bakhele abantu izindlu ezingu-60, wengeza ngokuthi bafisa kuphele unyaka ozayo bonke abakhahlamezeka abangu-8000 sebenezindlu. Iningi lalabantu uthe lisakhoseliswe ezindaweni zesikhashana.
Uthe abahlomule ohlelweni lokwakhelwa izindlu ugogo uNkk Frostina Ndawonde oneminyaka engu-76, wasesigcemeni sakwa-U, eMlaza.
Zivele zazehlela izinyembezi kuNkk Ndawonde ebonga ukugixabezwa ngesipho sendlu enamagumbi amathathu okulala, ikhishi nendawo yokugezela.
Eqhuba uKaunda oqale waba nohambo lokuhlola izindawo ezakhahlamezeka okubalwa nendawo yomtakabani eMdloti, umonakalo wayo owagcina ulungiswa ngoR130 million.
UKaunda umangele ukuthi ipayipi lendle elinqamula eMega City, elisanda kuphothulwa ukulungiswa kuyimanje kukhona abalicekele phansi ngempelasonto ngokuntshontsha ezinye izinto eziyisisekelo salo.
IMeya ithe uyaqhubeka umsebenzi wokulungisa imigwaqo, ingqalasizinda yamanzi, ekagesi neyokuthuthwa kwendle. Lo msebenzi uthe imali yawo izothathwa kwisabelomali esingu-R66 billion sonyaka u-2023/24.