UTHATHWE amaphoyisa ukuyohlonywa ngemibuzo umakhelwane, kutholwa isidumbu somfundi owaduka ngeSonto, silaxazwe ehlathini eliphesheya kwakubo eNewhaven, eMkhomazi ngoMsombuluko.
Isidumbu sikaLusa Nkomo (10) obefunda u-Grade 4 esikoleni iDrift Primary eMkhomazi, kuthiwa sitholwe umelusi sidindilize ehlathini sinezibazi zokuklinywa, simbozwe ngengubo abeyigqokile eceleni kwaso kukhona amakhondomu abesesebenzile.
Kuthiwa ubegcine ukubonakala ehambisana nomakhelwane oyiNdiya oyisiqashi endaweni, ogcine eboshwe amaphoyisa ngoMsombuluko ntambama.
UNksz Zandile Mzwendaba osekomitini lomphakathi, osondelene kakhulu nomndeni wakwaNkomo, uthe ingane bagcina ukuyibona iphuma esontweni, umakhelwane wacela ukuyithuma okuthile esitolo.
“Ngokulandisa kwengane eyayihamba naye (umgilwa), emva kokuthi ebuye esitolo lapho ayethunywe khona waveza ukuthi umalume (umakhelwane) umcele ukuthi amphelezele bayocinga inja yakhe komunye umuzi ongaphesheya lapho ayezwe ukuthi ikhona.
Bagcina ukubonakala behamba naye, kanti umsolwa wangena kamfowabo wahlala isikhashana ingane imlinde ngaphandle, washeshe waphuma behamba belandelana kwaba ukugcina ukubonakala kwayo,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi bethungatha bengayitholi, bathole ukuthi igcine ukubonakala nalo makhelwane okuthe uma befuna ukuzobheka lapho ehlala khona njengoba eqashe sakugada umuzi owumakhelwane nakamgilwa umnikazi ongahlali kuwona, kuthiwa uvulele izinja okwenze kwangaba lula ukungena kuwo.
Kuthiwa emva kokutholakala kwesidumbu sikaLusa sidindilize ehlathini, amalungu omphakathi abewotha ubomvu anikela lapho kuhlala khona umakhelwane acekela phansi impahla yakhe ayikhiphela emnyango ayokhela ngomlilo. Kuthiwa kusize ukufika kwamaphoyisa njengoba kuyiwona amthathe amfaka evenini, waphepha olakeni lomphakathi.
Uninomncane kaLusa uNksz Dumisile Nkomo, uthe bafe olwembiza njengoba bengazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani.
“Isimo lapha ekhaya sibi njengoba kwehla lesi sehlo ebesingalindelwe, kuduma amakhanda kwazise unina kaLusa kuphela obamba amatoho ekhaya,” kubalisa yena.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni uNkk Nonhlanhla Khoza usigxekile lesi senzo.
“Ukutholakala kwesidumbu sengane kuboshwe umakhelwane, kwenza ukuthi sizibuze imibuzo eminingi. Silindele ukuthi balekelele ekugadweni kwezingane uma abazali bengekho,” usho kanje.
Ukhuthaze amalungu omphakathi ukuthi noma lesi simo sibuhlungu kodwa angazijeziseli kumsolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenent Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asaqoqa ubufakazi ngalolu daba, kanti aphenya icala lokudlwengula nokubulala.