IPHETHE kabi ingxabano yabesilisa ababili abebengaphandle kwendawo yobumnandi ngempelasonto eBraamfontein, eGoli.
Ngokwama-vidiyo azungeza ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala owesilisa ogqoke ihembe elimhlophe ephethe isibhamu ngesandla, ehilizisana nomunye obehleli phakathi emotweni.
Yize kungacaci kahle ngomsuka wengxabano kodwa lo ophethe isibhamu ubonakala eyisimbelambela ecaphuna ngenkani ophakathi emotweni ngenhloso yokumkhipha. Kukhona nowesithathu omile emnyangweni wemoto ovimbela ohlomile ukuba angamcaphuni lo ophakathi emotweni.
Konke lokhu kuyaluza kwalo ohlomile kubonakala kuhambisana nempi yamazwi awakhulumayo, yize engazwakali ngoba abebethwebula bebemi buqamama nendawo yesigameko. Bekunabantu abadlulayo nabaqaphe izimoto kule ndawo ababonakala bevika ubala ngoba kungaqondakali ukuthi lona ohlomile uzogadla nini kulo ongaphakathi emotweni.
Kushintshe ukudla epuletini sekubonakala ongaphakathi emotweni ekhipha isibhamu evulela ngenhlamvu kulo obehlomile.
Apparently they Both gents are law enforcement officers 1 is JMPD the other SAPS and Apparently these guys are friends from the academy, see last video pic.twitter.com/cH709vi7cU
— Call me Thabo🩸 (@Callmethaboo2nd) June 27, 2023
Uphenyo lokuqala oluvela endaweni yesigameko lukhomba ukuthi umufi obehlomile uyiphoyisa lomgwaqo, kanti umsolwa obengaphakathi emotweni usembuthweni wamaphoyisa.
URobbie Raburabu okhulumela uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-IPID, uthe bayaphenya ngalesi sigameko.
“Uphiko lwe-Ipid luyaphenya ngalesi sigameko,” kusho uRaburabu.
Akukaboshwa muntu okwamanje.