LUPHENYWA i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) udaba lwamaphoyisa aqapha iPhini likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, aqoshwe kwi-video eshaya kanzima ebebehamba ngePolo kuN1 ngempelasonto.
Okhulumela i-IPID, uMnuz Robbie Raburabu, ukuqinisekisile esitatimendeni esikhishelwe abezindaba ukuthi baphenya icala lokushaya.
“Umqondisi omkhulu uthole isikhalazo esivela kumalungu ePhalamende ehlukene kulandela isigameko okuthiwa senzeke kuN1 north ngaseSandton. Kwi-video eqoshiwe, ikhombisa amalungu eSAPS eshaya kanzima umshayeli wePolo nalabo abehamba nabo,” kusho uRaburabu.
Uthe abaphenyi be-IPID sebeluqalile uphenyo lwabo, baxhumana namalungu omndeni wabagilwa ukuze abagilwa balekelelwe ukuthi bavule icala.
“Izingxoxo ziyaqhubeka futhi nabaphathi babasolwa ukuze balekelele ngophenyo,” kusho uRaburabu.
Uthe nobuholi beSAPS nabo buthintiwe, kanti buzimisele ukuza ngaphambili ukusiza ngophenyo.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, naye ukuqinisekisile ukuthi abagilwa sebefunwe batholwa, uhlelo lokuthathwa kwezitatimende zabo seluqaliwe.
“Namaphoyisa athintekayo esigamekweni asehlonziwe kanti azobhekana nohlelo lwangaphakathi lokuqondiswa ubugwegwe. Ubuholi obuphezulu bamaphoyisa busithathela phezulu lesi sigameko kanti uphenyo luzokwenziwa luze lufinyelele esiphethweni,” kusho uBrig Mathe.
Uqhube wathi amaphoyisa ayaziqhelelanisa nale ndlela yokuziphatha kwabasolwa ekhonjiswa kwi-video, athe ayihambisani nhlobo nendlela amaphoyisa okulindeleke ukuthi aziphathe ngayo.
Umkhuzi wamaphoyisa ezingeni likazwelonke, uGeneral Fannie Masemola, naye ukugxekile lokhu kuziphatha kwamaphoyisa.
“Le ndlela yokuziphatha ayivumelekile, noma ngabe bekuyisiphi isizathu esiholele kuyo. Ngaso sonke isikhathi amaphoyisa kulindeleke ukuthi asebenzise amandla anikwe wona ngendlela efanele futhi akwazi ukuzilawula,” kusho uGen Masemola.
IPhini likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, linxuse izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi zidedele amaphoyisa ukuthi enze uphenyo lwawo.
Uthe uyabethemba ubuholi bamaphoyisa obuholwa uNgqongqoshe Bheki Cele ukuthi buzolusingatha ngendlela efanele lolu daba.
Nokho uthe naye akahambisani nokusetshenziswa kwesankahlu kwizakhamuzi ezingahlome ngazikhali.