KUPHENDULEKE imithandazo yeminyaka umphakathi wethulelwa uhlelo lokwakhelwa umgwaqo abalokhu bawulinda kusuka ngo-1994.
Injabulo ibibhalwe ebusweni kumphakathi waseNompondo nowaseMagengebula, kwaHlabisa, muva nje ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi umsebenzi wokwakhelwa umgwaqo oyibhuqu uzoqala kule nyanga, uphothulwe emva kwezinyanga eziyisithupha.
Ubuhamba endleleni eyavulwa ukuhamba kwezinkomo. Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Thembinkosi Xulu uthe, ungathi bayaphupha ngalesi simemezelo.
"Kusijabulisile ukuthi namuhla kuzophendulwa isoyi lo mgwaqo esakhala ngawo ngaphambi kokuba izwe likhululeke. Impela impilo ayisophinde ifane nakuqala njengoba sesizoba nomgwaqo ozokwenza izimoto zifinyelele emakhaya," kusho uXulu.
IMeya uMnuz Comfort Khumalo utshele izinkumbi zomphakathi ukuthi ukwakhiwa kwalo mgwawo oyibhuqu kuzothatha izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuba uphothulwe. Uthe umbuthembele endleleni eyakhandwa yizihlibhi zezinkomo endulo kusaphethe uhulumeni wobandlululo.
"Ngenxa yalesi simo, umphakathi ubuthwala kanzima uma kufanele uthole usizo lwamaphoyisa noma abezimo eziphuthumayo ngoba izimoto zabo bezingakwazi ukufinyelela kulezi zigodi. Uma izulu linile bekubheda kakhulu. Nokho singubuholi nathi sekuzofika ubuthongo ngoba uyaqala umsebenzi maduze," kusho uKhumalo.
Imikikizo ibiqhuma phezulu abantu bejabulela ukuthi ngemuva kweminyaka bekhala kodwa ekugcineni isililo sabo sizwakele. UKhumalo udalule ukuthi lo msebenzi wokwakhiwa kwalo mgwaqo uzodla imali engapgezulu kancane ku-R2 million. Uveze nokuthi omunye umgwaqo ozohlomula owetiyela osedolobheni lakwaHlabisa obunenqwaba yemigodi ngenxa yamaloli athwala izingodo nempahla eyahlukene. Lo mgwaqo onguSt Lucia Road ubusubalekelwa abashayeli bezimoto abaningi. UKhumalo uthe wona uzolungiswa ngemali engu-R2.3 million kanti ukuwufaka kabusha itiyela kuzothatha izinyanga eziphakathi kwezintathu nezine.