KUPHENDUKE amatafula emhlanganweni kaMasipala waseMvoti obubizelwe ukuzobhunga ngokuxoshwa kwemeya yalo mkhandlu, uMnuz Philani Mavundla.
Esikhundleni sokuba kuxoshwe uMavundla, umhlangano womkhandlu uthathe isinqumo sokumisa emsebenzini imenenja kamasipala, uNksz Noxolo Ndaba.
Umhlangano womkhandlu oyisipesheli ububizwe uSomlomo, uMnuz Mfundo Masondo.
Lo mhlangano ubizwe emva kokuba uMavundla ehlulekile ukuvimba ukuxoshwa kwakhe.
NgoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ichithe isicelo sikaMavundla esiphuthumayo ebesiphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe.
Isimemo somhlangano besikubeka kucace ukuthi kuzoxoxwa ngesikhala esivuleke emva kokuxoshwa kukaMavundla.
Isimemo besiphinde siveze ukuthi umkhandlu uzoxoxa ngencwadi yokuxoshwa kukaMavundla.
NgoMsombuluko, kusuke umsindo ngesikhathi uMavundla efika emhlanganweni womkhandlu njengoba amanye amakhansela abephikisana nokuthi angene, ekhala ngokuthi akaselona ikhansela.
Emva kwempikiswano, umhlangano ube usuqhubeka, abezindaba bebengavunyelwe.
Isolezwe lithole ukuthi amakhansela afike athatha isinqumo sokumisa uNksz Ndaba.
Umthombo obungaphakathi emhlanganweni uthe uNksz Ndaba uxoshelwe ukuthi wadlulisela kwinhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission, incwadi exosha uMavundla.
Le ncwadi yayiqhamuka kwi-ABC.
"Ubudlelwano bakhe (uNksz Ndaba) noMavundla bebuvele bungebuhle. Indaba yale ncwadi ivele yashayela isipikili sokugcina. Le nto yenze kwabukeka sengathi naye usebenzisana nalabo abafuna ukuthi kuxoshwe uMavundla."
Omunye umthombo uthe uNksz Ndaba uzoxoshwa kulo mkhandlu.
"Njengoba sebemumisile nje, sebezomxosha. Angiboni ephinde ebuya."
Elinye ikhansela kulo mkhandlu lithe isinqumo sokumiswa kukaNksz Ndaba asikho emthethweni.
"Lo mhlangano ubungekho emthethweni njengoba bekukhona uMavundla kuwo. Phela uMavundla akasesilona ikhansela, ngakho ke akanalo ilungelo lokuphawula ngezinto ezithinta umkhandlu. Uma le nto ingaya enkantolo ingafike ichithwe."
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMavundla noMasondo ayizange iphumelele njengoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.
UMavundla ungene kwesobumeya kulo mkhandlu kuwo lo nyaka. Ungene emva kokuketulwa kobuholi be-IFP.
Ukungena kwakhe kwadala uqhekeko eqenjini lakhe njengoba kukhona ababengahambisani nokuhoxa kwe-ABC esivumelwaneni sokusebenzisana ne-IFP komasipala baKwaZulu-Natal.
Njengamanje kunezinhlangothi ezimbili ezibanga ukuhola i-ABC.
Uhlangothi lokuqala luhambisana noMavundla, bese kuthi uhlangothi lwesibili luhambisane noMnuz Bhungu Gwala.