UMNDENI wowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, uthi nakuba kuphela iminyaka eyisishiyagalombili, lingakaveli iqiniso ngokubulawa kwakhe kodwa babona sekuseduze phambili.
NgoLwesithathu kuzobe kuphela iminyaka eyisishiyagalombili kwabulawa uMeyiwa, owadutshulwa ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo eVosloorus eKurhuleni.
Icala liyaqhubeka kodwa abezokushushisa bamemezela ukuthi bazolinda kuqedwe ngalo bese bethatha isinqumo ngedokodo lesibili.
Ukufa kukaMeyiwa kwashiya isilonda esikhulu ezweni futhi kwaba nenkombankombane. Umfowabo kaSenzo, uMnuz Sifiso Meyiwa, uthe ithemba labo lisekutheni inkantolo ithole abamangalelwa bengenacala ukuze kushushiswe abantu abafanele.
“Asikaze sililahle ithemba futhi sithemba ukuthi sekuya ngakhona uma sekuqala kubizwa abantu ababesendlini konke kuzovela. Uma kukhona okhuluma into engekho, kuzocaca ngoba ngeke adabule ku-Advocate Zandile Mshololo,’’ kusho uMeyiwa.
UMeyiwa usho kanjena nje kunabamangalelwa abahlanu abashushiswayo ngokufa kukaMeyiwa. Abamangalelwa wuMnuz Mthobisi Ncube, Mnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, Mnuz Bongani Ntanzi, Mnuz Mthokozisi Maphisa noMnuz Sifisokuhle Ntuli. UNtanzi ufake isicelo sekudedelwa ngebheyili kanti kumanje kulindwe isinqumo senkantolo.
UNtanzi uhlonzwe wufakazi njengokunguyena owadubula umufi futhi umbuso uthi, walivuma icala. Ngakolunye uhlangothi uNtanzi usola amaphoyisa ngokumshaya kabi futhi emphoqa ukuba avume icala.
UMeyiwa uthi banethemba lokuthi inkantolo izolubhekisisa udaba lwalaba abashushiswayo ize ifike eqinisweni. Ngesikhathi udaba luqhubeka kwavela indaba yedokodo lesibili, okwashaqisa abaningi. Icala liguqe kusanda kuqala ukulalelwa kukafakazi kaMnuz Tumelo Madlala, umngani kamufi owayekhona endlini ngobusuku besigameko.
Icala lisaguqile kulindeleke ukuthi libuyele ngoNovemba 14, kuqhubeke uMadlala owethula ubufakazi.