KUPHELA amaphupho namuhla ngoLwesithathu eNkantolo eNkulu eThekwini njengoba kulindeleke ukuthi ijaji limemezele isinqumo ngesicelo sokukhipha umholi wamaNazaretha, inkosi Mduduzi ‘Unyazilwezulu’ Shembe eBuhleni.
Ukumenyezelwa kwesinqumo kuza emva kwesicelo esafakwa wumholi wamaNazaretha, inkosi Phinda Shembe Ukukhanyakwelanga nyakenye ecela inkantolo ukuthi igudluze uNyazi njengoba selalahlwa amacala okuba ngumholi wamaNazaretha.
Lezi zindaba ziqinisekiswe wummeli woKukhanyakwelanga, uMnuz Trevor Nkosi othe isinqumo ngesicelo sabo sizomenyezelwa namuhla.
“Akuzoba yinto ezothatha isikhathi eside ngoba bekungasaqulwa icala. Bekungukubheka isicelo ebesisifake enkantolo sokuthi uNyazi ludilike esikhundleni njengoba selwachithwa yizona zonke izinkantolo ukuthi lungumholi wamaNazaretha,” kusho uNkosi.
Uthe isinqumo sizomenyezelwa yiJaji uHlatshwayo. Echaza ngokukhishwa koNyazi eBuhleni, uNkosi uthe esicelweni sabo kwakungukuthi lungabe lusaziphathisa okomholi futhi lwehle esihlalweni lugudlukele umholi ofanele Ukukhanyakwelanga ukuthi aqhubeke nemisebenzi yenkonzo.
Uthe ngokwesicelo sabo ukuthi uNyazi lungagqokisi komholi wamaNazaretha, luphinde lungaziholi izinkonzo kuzona zonke izindawo zebandla lamaNazaretha.
Uqhube wathi ngaphandle kwekomkhulu lebandla eBuhleni, babecele ukuthi kungabikhona lapho luzobonakala khona luhola ibandla.
Uveze ukuthi abalunqabele ukuthi uNyazi lungahlala kunoma yimuphi umuzi wakubo kaShembe kodwa kungabikhona lapho luzohola khona ibandla ezindaweni zenkonzo.
Nasezintweni ezithinta imali yebandla, uthe nakhona babefake isicelo sokuthi lungahlangani nazo njengoba lungeyena umholi wamaNazaretha.
Lesi sinqumo besilokhu sibhekwe ngabomvu kusuka nyakenye safakwa.
UNkosi uphinde wachaza ukuthi bekumele ukuthi bafake lesi sicelo yize izinkantolo sezanquma ukuthi uNyazi aluyena umholi.
Ngokwesinqumo secala esasichitha uNyazi njengomholi wamaNazaretha uthe kwakungukuqinisekisa ukuthi aluyena umholi, sekumele bafake isicelo sokulugudluza.
Ephetha uthe okwamanje akulula ukusho okuzokwenzeka ngoba kulindelekile ukuthi ozochithwa yicala phakathi kwabo, afake isicelo sokulibuyekeza enkantolo.