UKUNGAZIPHATHI kahle kwengxenye ethile yabalandeli beKaizer Chiefs sekuholele ekutheni leli qembu lihlawuliswe izizumbulu zemali ngemuva kokutholakala linecala yikomiti eliqondisa izigwegwe lePremier Soccer League (PSL).
Lokhu kuqinisekiswe ngumshushisi wePSL, uZola Majavu ngoLwesine emini, kulandela isigameko lapho abalandeli baMakhosi bajikijela khona izinto enkundleni ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership ngoSepthemba 28.
Umdlalo owawuseFNB Stadium eGoli, wanqotshwa amaBrazilians ngo 2-1. Abalandeli bajikijela izinto ngemva kokuphikwa kwegoli elalishaywe ngu-Edson Castillo umdlalo usuyophela, ababecabanga ukuthi lalizotholela iqembu labo okungenani iphuzu.
“Ngiyaqinisekisa ukuthi namhlanje ekuseni iKaizer Chiefs FC ivele phambi kwekotimiti lePSL eliqondisa izigwegwe izoziphendulela ngokungaziphathi kahle kwabalandeli ngemva kwesigameko sokujikijela izinto enkundleni ngoSepthemba 28, ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns FC,” kuchaza uMajavu, enkulumeni eqoshiwe ekhishwe yiPSL.
“Iwavumile amacala ebithweswe wona yahlawuliswa imali engu-R100 000, kwathi u-R50 000 walengiswa ngombandela wokuthi ingatholakali inecala elifanayo kuze kuphele isizini. Ngesizini edlule yakhokhiswa inhlawulo engu-R100 000 ngesigameko esifuze lesi.
“Njengoba igwetshelwe leli cala elisha izophinde yengeze u-R100 000 owawulengisiwe phambilini. Sekukonke, iKaizer Chiefs izokhokha u-R150,000 bese ikhokhela nezindleko zokulalelwa kwecala.”
Ngesizini edlule iChiefs yazithola isobishini olufanayo ngemva kwezigameko ezintathu zabalandeli abajikijela izigubhu nokunye enkundleni.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi ishawa yiSuperSport United ngo 2-1 emdlalweni weligi ngoSepthemba 20, (2023). Kwaphinde kwenzeka inqotshwa yiSundowns ngo 2-1 kowandulela owamanqamu eMTN8 ngoSepthemba 23, nangesikhathi ikhishwa AmaZulu ngo 1-0 emdlalweni weCarling Black Label Knockout ngo-Okthoba 21.
Ngenxa yala macala yaphinde yayalelwa ukuthi idlale umdlalo weligi neCape Town Spurs bengekho abalandeli ngoNovemba 8.
Nango-Agasti 2022 leli qembu lazithola kumele livume izono zabalandeli balo, abangena eDanie Craven, bawisa uthango lokubiya bejabulela ukunqoba iStellenbosch FC kwe-MTN8. IChiefs yahlawuliswa u-R200 000, kwalengiswa u-R100 000 ukuthi ingatholakali inecala elifanayo ezinyangeni ezingu-24.