KUCACELE wonke umuntu ukuthi ukhetho lwaseZimbabwe ngeke lube olukhululekile. Lokhu kugqame ngesikhathi iCitizen Coalition for Change(CCC) inesithangami sabezindaba. Kuvele kwaqhamuka indoda engaziwa yaphuca okhulumela i-CCC amaphepha abekade ewasebenzisa ukukhuluma nezintatheli zamazwe omhlaba ebezikhona.
Lokhu kwenzeke kubuka wonke umuntu, abanye bebebuza ukuthi ingubani lendoda futhi imele bani, beyingaphenduli, ithe isuka yahamba yaya kongena emotweni eyiveni, nakhona bekukhona amanye amadoda angaziwa. Lemoto isuke yahamba, yaphinde yabuya futhi, kwakhona abayibamba beyidedela, kubukeka sengathi bafuna ukuyishaya, bagcina beyidedelile yaphindela evenini.
Kwenzeka lokhu nje i-CCC beyivele ikhuluma nabezindaba icacisa ukungenami kwayo ngendlela ukhetho oluhambe ngayo.
Sigcine sikwazile ukuqhubeka isithangami sabezindaba, i-CCC idalula ukungenami kwayo. Kanti neSADC ikugxekile ukuhamba kwalolu khetho yathi ngeke lube ngolukhululekile.
Njengamanje iZanu PF iyona ephethe uhulumeni eZimbabwe, i-CCC iyiphonsela inselelo. Kulindeleke ukuthi imiphumela iphume ngokusemthethweni ngeSonto.