BASHAYEKE kwazwela abanye omasipala basemakhaya KwaZulu-Natal ngenxa yokwehliswa kwesabelomali ababelwa sona.
Lokhu sekwenze kwabanokukhathazeka ngezinye zezinhlelo abazenzayo zentuthuko ezidala amathuba emisebenzi ngoba kuyizo ezishayekile.
Omunye walabo masipala abathintekile iBig 5 Hlabisa njengoba inqanyulelwe isabelo sawo ngoR40 million .
UMnuz Comfort Khumalo oyiMeya yaseBig 5 Hlabisa, uveze ukuthi isimo sinzima ngoba kushayeka uhlelo olubizwa nge -EPWP, olusiza kakhulu amalungu omphakathi ngamathuba emisebenzi.
"Ngikhuluma nje emalini engaphezulu kukaR270 million ebesiyithola njengoba sincike kwizibonelelo zikahulumeni omkhulu, sehliswe sayoshaya kuR230 million. Ngingasho impela ukuthi sishayeke kakhulu," kuchaza uKhumalo.
Ngesikhathi echaza lokhu ubeyovula ihholo lomphakathi laseNgodini, eHluhluwe, ku-ward 7.
Umphakathi ukhombise ukukhathazeka ngalokhu, ubabaza ukuthi uzolimala ngamathuba emisebenzi ebese uwathembe kulezi zinhlelo zikamasipala ezizothinteka.
UMnyango kaMgcinimafa kuzwelonke umemezele ukuthi isabelo salo nyaka KwaZulu Natal soMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu sincishiswe ngo-R100 million.
Lokhu kushaye omasipala abaningi esifundazweni njengoba ngaphandle nje kweBig 5 Hlabisa, uMasipala waseNewcastle, wona uncishiselwe isibonelelo ngoR50 million.
UMkhandlu wasoThukela nawo ubhekene nengwadla efanayo kanjalo neTheku njengoba nalo lehliselwe ngoR100 million.
Kumanje iTheku lizama ukuyilwa eyale mali kuMgcinimafa kazwelonke njengoba libalisa ngokuthi kusamele lakhele abantu izindlu nezinye izidingo.