LUPHETHE kabi usuku kowesifazane odutshulwe washona lapho bekuphangwa khona imoto yemali eMlaza ngoMsombuluko ebusuku.
Oshayasibhamu bavimbezele imoto yemali endaweni yasePhilani eMlaza ngoMsombuluko.
Owesifazane utholwe ngabezimo eziphuthumayo esethule emotweni yakhe, eduze kwakhe, kukhona owesilisa olimele enamanxeba okudutshulwa.
Kulesi sigameko, kulimale onogada ababili.
“Unogoda oyedwa utholakale enenxeba lokudutshulwa kanti omunye ubelimele ngenxa yokushaywa,” kusho uKyle Van Reenen okhulumela abe-Emer-G-Med.
Izakhamuzi zaseMlaza ezihlala buqamama nendawo yesigameko zithi izigebengu zihlasele le moto ngesikhathi sokucishwa kukagesi okuhleliwe.
Pinky Mangi Zungu: Kuyimanje ngisathukile indlela ebesikhala ngayo kuduma amadlebe bengithi sekuvuka izimpi weeeh Jehova 🙆 ei uJehova akhumbule lo mndeni walo sisi odlulile kulesi sigameko kuzolimala umuntu oseceleni abanini bodaba baphume bengenamyocu bezigcwalele udaka nje emhosheni.
Zanele Smith: Mmm lapho kudane kwathi nya ugesi sasho isibhamu😭yabe isho ibhomu yeyi umuntu uthuke woma, besizitshela kuthi basenxanxatheleni yezitolo kanti yise marobhotini.💔
Nomvula Khuzwayo: Angifuni lutho into engibone izolo kudutshulwa kwasani izinhlamvu zidlula phambi kwethu. Lapho umshayeli wetekisi ehamba nathi ngenkani endaweni yesigameko. Sisizwe ukukhala simthethise ukuze aphindele emumva nathi.