KUPHAKAME umoya kufakazi woMbuso owabe engumngani kaSenzo Meyiwa owayengunozinti weBafana Bafana ongasekho, ngesikhathi ummeli womunye wabammangalelwa emvalela ekhoneni, ethi akekho muntu owabangenela endlini wabulala uMeyiwa.
UMnuz Mthokozisi Thwala, osebhokisini lofakazi njengoba ukuqulwa kwecala kuqhubeka, ubufakazi bakhe nobofakazi ababesendlini kubo kanina wengane yakhe, uKelly Khumalo eVoloorus buthi kwangena abasolwa ababili babaphuca amaselula, badubula noMeyiwa ngo-Okthoba 26, 2014.
Bese kuyizikhathi zantambama ngesikhathi uThwala obezwakala ukuthi usethukuthele, ethi uma kuzolokhu kuphikelelwa nokuthi uSenzo wadutshulwa womunye walabo ayevele ekade ehleli nabo, kusobala ukuthi kusazothatha eminye iminyaka eyisishiyagalolunye ukuthi kutholakale ubulungiswa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo u-Advocate Zithulele Nxumalo ongummeli kammangalelwa wesine, uMnuz Mthokoziseni Maphisa.
UNxumalo uthe: “Ngifuna ukukutshela ukuthi uSenzo wadutshulwa ngumuntu owayenaye endlini.”
UThwala uphendule ngelithi: “Uma usho njalo, kusobala ukuthi sisazophinde sihlale eminye iminyaka eyisishiyagalolunye lapha. Ngoba phela ngiyachaza ukuthi kwangena abantu.”
Uqhube wathi akaqondi ukuthi uma kungathiwa uvikela abantu ababesendlini, angakwenza kanjani lokho.
“Ngilahle umngani wami? Anginendaba nabo bonke abantu ababesendlini mina,” kubhoka uThwala.
Ngaphambi kwalokho uNxumalo usole uThwala noZandi nabanye abenza uhlelo lokukhonjwa kwabasolwa, ngokukhomba abantu abangaphezu kwababili okuthiwa bangena endlini.
UNxumalo uthe: “Ngizosho into engiyishilo nakuZandi, ukuthi nina ninomkhuba wokukhomba abantu abangenacala nithi yibona abangena endlini badubula umufi.”
UThwala uthe yena washo nangalesiya sikhathi ekhomba umsolwa oyedwa eMgungundlovu, ukuthi ucishe afane noyedwa wabangena endlini, akukho lapho athi khona wuyena owangena endlini. Lokho futhi wakucacisa emaphoyiseni khona eMgungundlovu.”
Ubuye waveza nokushayisana kobufakazi bukaThwala nobukaColonel Steyn lapho aveze khona ubufakazi beSMS eyathunyelwa nguLongwe Twala komunye umuntu obizwe ngokuthi uTwala 2, lapho esho khona ukuthi uSenzo usebulawe ngokudutshulwa phambi kwakhe.
UNxumalo uthe lokhu kuyashayisana nobufakazi bukaThwala, obuveze ukuthi uLongwe waphuma wabaleka emva kokuqhuma kokuqala kwesibhamu, wathi buyashayisana futhi nobukaZandi obuthi uLongwe waphuma wabaleka endlini kusanda kungena umsolwa owayephethe isibhamu, amphushela eceleni ngapambi kokuthi abaleke.
“I-SMS ngekaLongwe angithi? Uyena oyithumele omunye umuntu, angithi? Akuze yena-ke azozichazela lapha,” kusho uThwala.
Icala liyaqhubeka namuhla.