LISHONE elayizolo abantu bebabaza, abanye bezwakalisa ukuphoxeka ngokuhlukanisa kwesihlabani sebhola lombhoxo esinguKapteni weqembu lesizwe uSiya Kolisi, nobengumkakhe uRachel uMaSmith.
Bese kuyiminyaka eyisishiyagalombili beganene ngoba bashada ngo-2016.
Kuningi okulokhu kuqhamuka okuyizinsolo ngokungenzeka ukuthi kube yimbangela eholele kulesi sehlukaniso.
Izindaba zokuhlukana kwabo abebaziwa ngokuthi bayizinqandamathe ezijabulile emshadweni wazo, zimenyezelwe yibona ngesitatimende abasinameke emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ntambama, okushiye abantu abaningi beshaqekile futhi bedidekile ngokuthi yini eholele kulesi sinqumo.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana, badlulisa ilaka labo ngalezi zindaba, abaningi babo bezwakalisa ukuphoxeka ngesinqumo sikaSiya (33) noRachel (34).
U-@10gee1 uthe: “Hhayi asikwamukeli nhlobo lokhu. Abahlale phansi, balungise umshado wabo, bayeke phansi indaba yokwehlukanisa.”
UNichoMrG uthe: “Ubudlelwano babantu bezinhlanga ezahlukene buvamile ukungaphethi kahle ngenxa yokuthi kuhamba, kuhambe kube khona lapho omunye ezizwa engasamukelekile empilweni yomunye.”
UPhelisa Tyali ubhale wathi: “Lezi zindaba ziwephula kakhulu umoya wami. Laba bantu basinika ithemba lokuthi uthando lwangempela lusekhona. Lokhu okwenzekayo manje kungishaqisile futhi bengingakaze ngicabange ukuthi kungenzeka. Ngithemba ukuthi bazolungisa okonakele, baqhubeke nomshado wabo omuhle.”
U-jonesing4real uthe: “Ukube kuyenzeka, ngabe kukhona esikwenzayo siyizwe ukunqanda lesi simo. Bekungcono ukube bathi bazoqhelelana kancane, balungise okonakele kunokuthi behlukane.”
USiya noRachel bashade ngo-2016, kanti umshado wabo waba nedumela elikhulu ezweni, wakhonjiswa nasohlelweni lwakwiSABC 3 i-Top Billing. Bahlukane benezingane ezimbili uNicholas (9) noKeziah (7). Banenhlangano iKolisi Foundation, ebiyenza izinhlelo ezahlukene zokuthuthukisa umphakathi.