KUPHAKAME imimoya kwabasendlunkulu ngesikhathi kuthethwa icala eliphonsela inselelo ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Abeseka iSilo uMisuzulu nabeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, ofake icala, bebehleli ngokwahlukana eNkantolo eNkulu ePitoli, kukhona amaphoyisa phakathi kwabo.
Kube nezikhawu lapho kuphakame imimoya ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala elihlanganise izicelo ezimbili; esifakwe nguMntwana uSimakade, nesifakwe nguMntwana uMbonisi kaBhekuzulu.
Kuke kwaphoqa ukuthi inkantolo iguqe imizuzwana ngesikhathi abeseka iSilo behhahhameza ummeli kaMntwana uMbonisi, u-Advocate Thabani Masuku, obethula ubufakazi.
Abeseka iSilo bahhahhameze uMasuku ngesikhathi etshela inkantolo ukuthi iSilo kasesekwa ngumuntu, nangesikhathi ethi undunankulu kaZulu okhotheme, inkosi Mangosuthu Buthelezi, akasiyena owasendlunkulu.
Ngesikhathi inkantolo isaguqile, omele iSilo endlini yobuholi bomdabu, uMntwana uSimphiwe Zulu, unxuse abeseka iSilo ukuba bangaqophisani noMasuku noma ngabe usho into abangahambisani nayo.
Phakathi kwabebezokweseka iSilo enkantolo bekukhona uSihlalo weNgonyama Trust, Inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela, obehleli nabantwana basendlunkulu abeseka iSilo.
Abebesohlangothini olweseka uMntwana uSimakade, bebeholwa ngumfowabo weSilo esesakhothama, uMntwana uMxolisi kaBhekuzulu, kanti abahambisana noMntwana uMbonisi, abazange babonakale.
UMasuku nommeli kaMntwana uSimakade, u-Advocate Alan Dodson, batshele inkantolo ukuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo uMisuzulu.
Bobabili bavumelane ngokuthi wawungekho emthethweni umhlangano okwaqokwa kuwo iSilo, bakhala ngokuthi kwakukhona abantu abangabona abasendlunkulu.
Bobabli bathe uButhelezi wayengenalo ilungelo lokuhlalisa umhlangano okwaqokwa kuwo iSilo.
UMasuku uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, kwakungafanele avume ukuqokwa kweSilo ngoba kwakucaca ukuthi kwakunombango.
URamaphosa wavuma ukuqokwa kweSilo emva kokuthi iNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ichithe amacala ayethinta imibango yasendlunkulu.
UMasuku uthe uRamaphosa wagagamela ekuvumeni kwakhe ukuqokwa kweSilo ngoba indlunkulu yayimtshelile ukuthi izosiphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
“URamaphosa wasishaya indiva iseluleko sethimba labaxazululi elalijutshwe ukuba lixazulule umbango wesihlalo. Ithimba laliphakamise ukuthi umengameli alinde kuze kuqedwe ukuqulwa kwamacala (ayesekankantolo eNkulu eMgungundlovu). URamaphosa waqhubeka nokuvuma ukuqokwa kweSilo yize abasendlunkulu babemtshele kahle ukuthi bazosidlulisela phambili isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu.”
UDodson ukhale ngokuthi uButhelezi wakhombisa ukuhambisana nohlangothi olulodwa ngesikhathi kuqala umbango, engavumi ukulalela ezinye izinhlangothi.
Yize zombili izinhlangothi zivumelana ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo, kepha ziyaphikisana ngokufanele angene esihlalweni njengoba abanye bephakamisa uMntwana uSimakade, abanye baphakamisa uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.
Namhlanje kulindeleke ukuthi abameli beSilo, nabakaRamaphosa benze izethulo zabo kanti ukuqulwa kwecala kuzoguqa kusasa.