UKUHLELWA kabusha kwekhabhinethi kahulumeni sekufike kwedlula kodwa ukukhuluma nemvunge ngezinqumo akukapheli kubantu. UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ngokugunyazwa wuMthethosisekelo wezwe, uhlele kabusha ikhabhinethi lakhe ngenhloso yokuthi kube nozinzo nomsebenzi kahulumeni uqhubeke kahle futhi ubevala nezikhala ebezivulekile.
Nakuba umengameli enegunya lokushintsha izinto ngendlela acabanga ngayo kodwa amalungu omphakathi awahlali engayibeki imibono yawo. Imibono isabalala ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yezindaba.
UMnuz Ramaphosa uqoke uMnuz Paul Mashatile kwesePhini likamengameli wezwe, ngemuva kokwesula kukaMnuz David Mabuza obephethe isikhundla.
Isikhundla sephini likamengameli sihambisana nomholo kaR3 million ngonyaka, yizimoto zombuso ezihambisana nabaqaphi, wumuzi wombuso neminye imihlomulo ehambisana nesikhundla, kubalwa nokunakekelwa ngokwezempilo nokunye okuningi.
UMnuz Mashatile ungena esikhundleni ngenxa yokuthi useyiPhini likaMengameli we-African National Congress (ANC), okuyiyona ephethe izintambo zombuso. UbenguMgcinimafa wenhlangano ngaphambi kokungena kulesi sikhundla.
Olunye ushintsho olugqamile elokuqokwa kukaNgqongqoshe weHhovisi likaMengameli, uDkt Kgosientso Ramakgopa, ozobhekana nogesi.
Izwe libhekene nenkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okwenze uRamaphosa waqoka umuntu ozobhekana ngqo, nogesi.
UDkt Ramakgopa ubekade eyiNhloko yezokuTshalwa kweziMali neNgqalasizinda eHhovisi likaMengameli. Phambilini ubengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho neMvelo eGauteng, kanti ngaphambi kwalokho wayeyimeya yaseTshwane.
UNksz Khumbudzo Ntshavheni, uqokelwe kwesikaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli esuka kwesikangqongqoshe wezokuXhumana. Lo ngqongqoshe omncane kunabo bonke, uqale ngokuba ngowezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane.
UDkt Nkosazane Dlamini-Zuma, uqokelwe kwesikaNgqongqoshe wehhovisi likaMengameli obhekelele ezaBesifazane, abantu Abasha nabaKhubazekile. Usuka kwesikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu futhi akalona ivukana kwezobuholi bekhabhinethi. Waqala ukusebenza ephalamende ngo-1994 esengaphansi kukamengameli wokuqala wentando yeningi uDkt Mandela, ongasekho.
UNksz Maropene Ramakgopa uqokelwe eHhovisi likaMengameli ukuba abhekelele ukuHlela, uKwelusa nokuHlola ukusebenza kukahulumeni. UNksz Ramakgopa unguMgcinimafa wokuqala wesifazane ebuholini obuphezulu be-ANC, uqokelwe kulesi sikhundla engqungqutheleni ye-ANC ngoDisemba eNasrec, eGauteng.
UMnuz Mondli Gungubele uqokelwe kwesikaNgqongqoshe wezokuXhumana, esuka kwesikangqongqoshe wehhovisi likaMengameli. Mude umlando kaGungubele kwezombusazwe nakuhulumeni ngoba phambilini uke waba yimeya yaseKurhuleni.
UNksz Thembi Nkadimeng, uqokelwe kwesikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Ubeyiphini likangqongqoshe ngaphambi kokuthola lesi sikhundla.
UNksz Noxolo Kiviet, ungene kwesikaNgqongqoshe zeMisebenzi kaHulumeni nokuPhatha. Phambilini uke waba ngundunankulu wase-Eastern Cape, noSomlomo wesifundazwe.
UMnuz Sihle Zikalala, uqokelwe kwesikaNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, esuka kwesikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ngemva kokukhishwa kwesokuba ngundunankulu waKwaZulu- Natal.
UMnuz Zizi Kodwa, uqokelwe kwesikaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko. Ubeyiphini likangqongqoshe wehhovisi likamengameli ebhekelele ezobunhloli.
UNkk Patricia de Lille, usenguNgqongqoshe wezokuVakasha, kanti ubekade ewungqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda.
UNkk Sindisiwe Chikunga, uqokelwe kwesikaNgqongqoshe wezokuThutha, ubeyiphini kuwo mnyango iminyaka eminingi.
Ongqongqoshe bahola kusukela kuR2 473 682 ngonyaka, lokhu hambisana nemihlomulo, izimoto nemizi yombuso, abaqaphi nokunye. Amaphini ahola kusukela kuR2 037 129 ngonyaka nawo anemihlomule ehambisana nezikhundla zawo.
Nakuba beqokiwe ongqongqoshe kodwa besisikhulu isililo ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, abantu bekhala ngokungenzi kahle kwakhe, befuna akhishwe.
Siqonge kakhulu isililo emuva kwesimemezelo sikamengameli ngesikhathi sekuvela ukuthi uMnuz Cele, akakhishwanga esikhundleni sakhe. Abantu bakhala ngobugebengu, babona sengathi kufanele aphume uNdosi, kunikezwe omunye umuntu ithuba.