KUSENZIMA ngisho ukukhuluma kunina wengane enezinyanga ezine yaKwaSithebe eMandeni, okuthiwa intshontshwe ngumuntu ongaziwa ngoLwesihlanu ebusuku, isidumbu sayo satholakala siphoswe emhosheni osendaweni ngoMgqibelo.
Ngokusho kukaninakhulu kaLunathi Simelane, osebenza ngamakhambi esintu, uNksz Thembelihle Ngwenya, ubengekho ekhaya ngesikhathi kuntshontshwa le ngane ezalwa nguSlindile Simelane (17).
Elandisa ngesigameko, uthe yize ebengekho ngesikhathi senzeka, umuntu othathe uLunathi uphahlaze iwindi wangena ngalo. Uthi lo muntu ongaziwa kuthe uma esephuma endlini enamagumbi amathathu, waphuma ngomnyango ngoba uwushiye ugengelezile.
“Lo muntu ungene waqonda ekamelweni uSlindile abelele kulo nengane. Wafike wathatha yona yodwa, waphumangomnyango. USlindile uvuke esevuswa ngumfowabo obevela ezindaweni zakhe, ongene waqonda ekamelweni eyobuza ukuthi kungani uSlindile engavalile emnyango ekubeni sekusebusuku,” kusho uNksz Ngwenya.
Uthi umfowabo kaSlindile uthole isimanga uma engena ekamelweni, efica ukuthi uSlindile ulele ubuthongo. Uthi umvusile wambuza ukuthi ulale kanjani engavalile emnyango.
“Uphaphamile uSlindile waveza ukuthi yena ubekhiyile emnyango. Yilapho-ke ababone khona nokuthi ingane abelele nayo embhedeni ayikho,” kusho uNksz Ngwenya.
Uthi bagijime baya kwamakhelwane oseduze, lapho kugadwa khona ingane uma uSlindile esesikoleni njengoba efunda uGrade 11 eVusumuzi High, beyocela usizo.
“Bangishayele ucingo bangibikela ngosekwenzekile. Ngibuye ngokushesha lapho bengikhona. Sazama ukuthola usizo emaphoyiseni kodwa athi izimoto esiteshini azikho, asivuke size thina esiteshini sizobika ukuduka kwengane ekuseni,” kusho uNksz Ngwenya.
Uthi bekusekuseni ngesikhathi bezwa umsindo wabantu bekhuza umhlola ngasemhosheni. Uthi baphuthume khona bafike bathola ukuthi lo mhlola okhuzwayo ngowokutholakala kwesidumbu sikamzukulu wakhe.
“Sithole ukuthi sibonwe ngabantu abebedlula ngendlela. Kuthiwa baqale bazitshelaukuthi ngunodoli kodwa bathi uma bebukisisa, babona ukuthi ngumuntu base behlaba umkhosi, kwasondela omakhelwane,” kusho uNksz Ngwenywa.
Uveze ukuthi akukhona okokuqala bengenelwa ngumuntu ngewindi njengoba eke wangena emasontweni amabili edlule. Uthe basola ukuthi lo muntu ontshontshe uLunathi nguye lo owayebangenele emasontweni amabili edlule.
“Ngalelo langa ngangingedwa ekhaya, uSlindile noLunathi belele kwamakhelwane. Ngaphaphanyiswa wukungena komoya, sengembulekile ingubo yokulala. Uma ngithi ngiyaqalaza, ngabona isithunzi somuntu simile ekamelweni. Ngamemeza, lo muntu wabaleka wayophuma ngomnyango ayesewuvulile,” kusho uNksz Ngwenya.
Uthi ngalelo langa lo muntu akukho akuthatha ngaphandle kokuthi waqale wacisha ugesi, wavula umnyango wase eza ekamelweni ezomembula ingubo yokulala.
“Ngiyasola ukuthi nangalesosikhathi wayezama khona ukuzontshontsha ingane, kwashokhona ukuthi ayikho kanti nami ngizovele ngiphaphanyiswe wukuthi uyangembula,” kusho uNksz Ngwenywa.
Uthi basola ukuthi isigilamkhuba ngesasendaweni yize esadidekile ukuthi sikwenziswe yini lokhu ngoba akekho umuntu abanenxa naye.
Uveze nokuthi isigameko sizomthikameza uSlindile ezivivinyweni zakhe njengoba ubeseqalile ukubhala. Uthe nakuyise wengane, naye osafunda isikole, kusenzima ukwamukela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko.
“Ibhekiwe ingane yaze yatholakala ekuseni ngoMgqibelo intanta emfuleni wendawo, ingenazimpawu zokulinyazwa. Kuvulwe idokodo lokufa komuntu esiteshini samaphoyisa eNyoni ukuze kuphenywe,” kusho uConstable Ngcobo.