ISIKHUNGO esibhekelele ukuthi imikhiqizo edayiselwa abantu isesimeni iNational Regulator for Compulsory Specifications (NRCS), sinxusa amakhasimende athenge usimende, i-Econo Cement CEM ukuthi awubuyisele emuva.
Lo simende i-V/ A S-V 32,5N kutholakale ukuthi awukho ezingeni elifanele.
Lesi sikhungo sithi besilokhu sithola izikhalazo eziphuma emphakathini ngalo simende, okuholele ekutheni sithathe isinqumo sokuthi siwuhlole.
UDkt Duncan Mutengwe uthe imvume evumela abakhiqizi balo simende bawudayise ihoxisiwe.
"Isinyathelo sokuthi kubuyiswe lo mkhiqizo silandela uphenyo olunzulu olwenziwe iNRCS oluhlanganisa ukuthathwa kwamasampula nokuhlolwa kwawo, ukuze kubheke ukuthi usezingeni elifanele yini. Imiphumela iveze ukuthi usezingeni eliphansi. Ukuqhubeka kwawo udayiswe kungadala izinkinga zokuthi izakhiwo nemigwaqo eyakhiwe ngawo zidilike kalula, ” kusho uMutenge.
Lo simende udayiswa eMpumalanga, KwaZulu-Natal naseGauteng.
"Ingozi ukuthi usimende njengomkhiqizo obalulekile ekwakheni uma ungaphephile amabhilidi akhiwe ngawo angadilika, imigwaqo ibhoboke okungadala ingozi kubantu," kusho uNkk Rhoda Masupye oyi-Inspection Manager kwiNRCS.
UNkk Masupye uthe amakhasimende asewusebenzisile lo simende angaxhumana neNational Consumer Commission.
“Umsebenzi wethu awufinyeleli ekutheni ikhasimende eseliwuthengile usimende linxephezeleke, ugcina ekubhekeni umkhiqizo ukuthi usesimeni yini,” kuchaza uNkk Masupye.
Uthe okwamanje awukho umbiko abawutholile obubatshela ukuthi kunezakhiwo esezike zadilika ezakhiwe ngalo simende.