UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, ukhuthaza abazali nabagade izingane ukuthi bazibhalisele ezikoleni, bazibekisele indawo yangonyaka ozayo kungaze kushaye uSepthemba 30, okuwumnqamulajuqu.
Okhulumela lo mnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, uthi babekade bewazisile umphakathi ukuthi iwindi lokubhaliswa kwezingane lizovulwa kusukela ngoMashi 1, nonyaka, lize livalwe ngoSepthemba 30.
UMahlambi ukhumbuze abafisa ukufaka izicelo zabantwana abayofunda uGrade 1 noGrade 8, ukuthi sekusele isikhathi esincane sokuthi benze lokhu.
Uqhube wathi zikhona nezinye izikole esifundazweni ezizokwazi ukwamukela abafundi bakwaGrade 3 noGrade 4.
Lo mnyango uthi emuva komnqamulajuqu obekiwe, isekethe iyobe isicubungula kuphela izicelo zalabo ababhalisile kodwa kwaba nezingqinamba ezithile.
“Siyanxusa abantu ukuthi baphuthume babhalise engakashayi uSepthemba 30, ukuze emuva kwalokho kusuka ngo-Okthoba 1, amakomiti okwamukela abafundi ezifundeni akwazi ukubheka lapho kunezingqinamba khona futhi akwazi ukuzixazulula,” kusho uMahlambi.
Lo mnyango uthi wawukade ucelile kwabafaka izicelo ukuthi babhalise okungenani ezikoleni ezintathu ukuze kuzonika umnyango ithuba lokuhlelela kahle abafundi izikhala ezikoleni.
UMahlambi ugcizelele ukuthi abazali mabalisebenzise leli thuba ukuze kugwemeke izinxushunxushu uma sekuqala unyaka wokufunda ngo-2023.