KUNTWELA ezansi kwizitshudeni ebezingalutholi uxhaso esikhwameni esixhasa ngezimali zokufunda emanyuvesi, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), njengoba zingase zibolekwe imali yokufunda ngamabhange.
Lesi ngesinye seziphakamiso zethimba elajutshwa nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, iSayensi nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande, ukuphenya ngendaba yokuxhaswa kwezitshudeni ezingakwazi ukuthola uxhaso esikhwameni ngoba abazali behola ngaphezu kukaR350 000 ngonyaka umholo ohlanganisiwe.
Ithimba eliholwa ngumphathi wenyuvesi yaseZululand, oNgoye uSolwazi Xoliswa Mtose, liphakamise ukuthi kumele kwakhiwe uhlelo lweminyaka engu-10, elizosiza lezi zitshudeni.
Esithangamini sabezindaba ngoLwesihlanu, uNzimande uthe ithimba liveze ukuthi kumele kube nohlelo lokuxhasa lezi zitshudeni ngemali ebolekwe emabhange.
Uthe ithimba liveze ukuthi kumele uhlelo lufakwe kancane kancane bese kwakhiwa nophiko oluzimele oluzobhekana nendaba yemali esuke ibolekwa yizitshudeni.
“Uxhaso kumele lutholwe uwonkewonke. Kumele ibuyiswe le mali, kuye ngokweholo elizovezwa, kube nokusebenzisana nesikhungo esiqoqa intela. Izitshudeni zingaqala ngokuthola lolu xhaso kusuka ngo-2023, zibolekwe imali ngamabhange, zimelwe nguhulumeni uma zihluleka ukukhokha,” kusho uNzimande efunda esinye seziphakamiso.
Uthe ngale ndlela kuzohlolwa ukuthi bangaki abazobolekwa le mali.
Ezinye zeziphakamiso ngukuthi kubhekwe ukuthi ngeke yini isikhwama iPublic Investment Corporation (PIC), sixhase izingane zabasebenzi bakahulumeni.
“Izitshudeni kumele zikwazi ukubolekwa imali, ukuze zikwazi ukwenza iziqu zesibili njengoba okwamanje iNSFAS ixhasa iziqu zokuqala. Kumele ibhekwe neyemihlomulo uma isitshudeni sisheshe saphothula iziqu ngesikhathi, ukuze zikwazi ukuthola uxhaso lokuthi zenze i-honours noma i-advanced diploma,” kuphakamisa umbiko kaSolwazi Mtose.
Okunye okuphakanyiswe yithimba ngukuthi kushintshwe indlela okuxhaswa ngayo izitshudeni zasemakolishi emfundo yamakhono, amaTVET, ngokuthi imali yokufunda inikwe ngqo izikhungo ingadluli kwiNSFAS.