UKWENYUKA kwesibalo sabangasebenzi kuleli, kusazoqhubeka nokuba wukhondolo olubi uma kungakahlangabezwana nezingqinamba, okubalwa ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Lona wumbono womhlaziyi wezomnotho ozimele futhi ongumsunguli wenkampani Amandla Omnotho, uMnuz Gugulethu Xaba. Ubekhuluma izolo, engxoxweni neSolezwe emva kokumenyezelwa kwezibalo zabantu abangasebenzi kuleli zekota yesine yonyaka u-2023/2024, ezikhishwe ngabakwa- Statistics South Africa.
Ememezela izibalo esithangamini nabezindaba ePitoli, uMnuz Risenga Maluleke oyiStatistician- General, uthe isibalo sabantu abangasebenzi eminyakeni ewu-10, sikhule safinyelela ku-7,9 million ekoteni yesine ku-2023 ukuqhathanisa nesibalo sekota efanayo ngo-2013 khona ababengu- 4,8 million.
Isibalo sabasebenzayo simi ku- 16,7 million ekoteni yesine, okuthiwa naso sehle ngabantu abangu-22 000 okukholakala ukuthi balahlekelwe umsebenzi ezinyangeni ezintathu nje kuphela.
UXaba uthi lesi sihlava sisazoqhubeka nokubonakala kwazise elakuleli lingelinye lamazwe ashayeke kakhulu kugasela ubhubhane iCovid 19, kanti ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okuqhubekayo, yikhona okushayela isipikili sokugcina ekuguqeni komnotho.
“Izigaba zokucishwa kukagesi usuku, nosuku zisho ukuthi amanye amabhizinisi kunamahora angasebenzi ngawo kanti kulimaza kakhulu umnotho. Lesi simo senza nabafisa ukuzotshala imali kuleli bebemanqika kanti amanye amabhizinisi agcina evalwa ngenxa yokwehluleka ukumelana nengcindezi elethwa ukucishwa kukagesi,” usho kanje.
Uthe okunye okwenza kube nzima odabeni lokucishwa kukagesi, izethembiso ezingesilona iqiniso ezenziwa osopolitiki ukuhlangabezana nale ngqinambi, wathi nokuthembela kakhulu emkhiqizweni yakwamaanye amazwe kunawo umthelela ekulahlekeni kwemisebenzi.
UMaluleke uthe sikhuphuke ngo-100 000 isibalo sabangasebenzi kuleli, ekoteni yesine ezinyangeni ezintathu nje kuphela njengoba bebengu- 7,8 million ekoteni yesithathu nyakenye. Bangu-3 million okuvele ukuthi balahle ithemba ngokufuna umsebenzi kulesi sikhathi okusho ukwehla kwalesi sibalo ngo- 200 000, njengoba bebengu-3,2 million ekoteni yesithathu yonyaka ofanayo.
“Abaqashiwe behle ngo-128 00 ekoteni yesine ka-2023, kanti abazisebenzayo banyuke ngo-124 000 esikhathini esifanayo. Abasebenza emkhakheni wezokwakha behle ngo- 36 000, kwezolimo behla ngo-35 000, kwezohwebo behla ngo-28 000. Emkhakheni wezimayini isibalo sabasebenza khona sinyuke ngo-57 000,” kuchaza uMaluleke.
Abantu abangu-13,4 million kuvele ukuthi abafaki lutho emnothweni wakuleli ngenxa yezizathu ezehlukene okubalwa kuzo ukukhula kakhulu, izitshudeni nabafundi, abagulayo nezinye izizathu.
Isibalo sabantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka-15 no 34 siqhubekile nokukhula kule kota ngo- 0,9% safinyelela ku- 44,3% ekoteni yesine sisuka ku-43,4% ekoteni yesithathu nyakenye. Bangu- 4,7 million abantu abasha abangasebenzi kuleli, bebengu- 97 000 abalahlekelwe umsebenzi okwenza isibalo sabantu abasha abasebenzayo sibengu- 5,9 million.
Nakuba kunjalo, isifundazwe iKwaZulu-Natal, sibenesibalo esikhulu kunazo zonke sabantu abaqashwe ezinyangeni ezintathu njengoba bengu- 62 000.