ITHUSE noMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, eyokushona ngokuzuma kowayengungqongqoshe wezeziMali, uDkt Tito Mboweni, okuthiwa ubekhombisa ukuba umqemane.
URamaphosa uthe indlela uMboweni abenomfutho ngayo ibingakhombisi ukuthi izinsuku zakhe sezibaliwe.
“Indlela abexhumana ngayo nabantu baseNingizumu Afrika yenza ukuthi kusithuse ukushona kwakhe eneminyaka engu-65.”
La mazwi ananelwe owayeyimeya kaMasipala waseGoli, uDkt Mpho Palatse, othe uMboweni ubekhombisa ukuba umqemane ngesikhathi benomhlangano emasontweni amabili edlule.
“Wayenomfutho lo esimazi ngawo. Wanginikeza izeluleko ezibalulekile. Ngangingazi ukuthi sengimbona okokugcina.”
UMboweni ushonele esibhedlela ngoMgqibelo ebusuku, emva kokugula isikhashana.
Umfowabo kaMboweni, uMnuz Alto Mboweni, uthe umfowabo ushone engungwe asondelene nabo.
“Njengomndeni sicela ukunikezwa ithuba lokuba sizile. Izinhlelo sizozimemezela ezinsukwini ezizayo.”
UMboweni waba ungqongqoshe wezeziMali ngo-2018, wasula ngo-2021.
Ngaphambi kwalokho, uke waba umphathi weBhange loMbuso, i-SA Reserve Bank, wayengungqongqoshe weziSebenzi ngaphansi kohulumeni wokuqala ngaphansi kwentando yeningi.
URamaphosa uthe izwe lilahlekelwe lukhulu ngokushona kukaMboweni.
“Silahlekelwe isishoshovu, walwela amalungelo abasebenzi futhi ubeqhamuka namaqhinga okuthuthukisa umnotho. Ngesikhathi ephethe eBhange loMbuso, nangesikhathi ewungqongqoshe wezeziMali, wayehlezi egcizelela eyokuphathwa kahle kwezimali zomphakathi nokulingana kwezomnotho. Uzibonikalisile ezinkampanini ezizimele futhi ubeliphakamisa igama leNingizimu Afrika emhlabeni uma kuziwa kwezomnotho.”
Amazwi enduduzo abengena elakanyana izolo.
Izinhlangano zepolitiki, izinyunyana zabasebenzi, nabezamabhizinisi badlulise amazwi enduduzo.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe nakuba uMboweni ahlala isikhathi esifishane kwesokuba ungqongqoshe wezeziMali, uthe mkhulu umsebenzi awenza.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe kuyabakhathaza ukushona kwabaholi abayimithombo yolwazi.
Okhulumela i-DA, uNksz Karabo Khakhau, uthe uMboweni ubewuhlonipha umsebenzi wakhe nabantu bakuleli.
“Ubesebenza ngokuzikhandla, elwela ukuthi isimo somnotho sibe ngcono. Ubelwela ukuthi impilo yabantu ibe ngcono.”
Okhulumela i-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, uthe nakuba kunezikhathi eziningi lapho bebezithola bephikisana nemibono kaMboweni yezomthetho, uthe kukhona abebevumelana ngakho.
Uthe uMboweni ubekholelwa ekutheni iBhange loMbuso lifakwe ngaphansi kukahulumeni neyokuthi kusungulwe ibhange likahulumeni, nokuyizinto i-EFF ekholelwa kuzona.