Baphenduke ondinga sithebeni abomndeni obuqashise osolwa ngokubulala ingane (7), ngesikhathi beshiselwa umuzi eDumisani Makhaye, eMpangeni, ngoLwesine.
Owomndeni, uNksz Samke Khumalo, udalule ukuthi emva kwalesi sehlo, baphoqelekile ukuthi bayokhosela kwezinye izindawo eziphephile.
Echaza ngesigameko, uthe senzeke bengekho ekhaya.
“Bengisemaphoyiseni, ngashayelwa ucingo ngomunye umngani wami ethi ekhaya kuyasha,” kusho uNksz Khumalo.
Uveze ukuthi umuzi wakubo uke wagadwa ngamaphoyisa usuku lonke emva kokutholakala kwesidumbu sikamufi, umphakathi ufuna ukuwucekela phansi.
“Babewujikijela ngamatshe, bezama ukuphihliza amawindi,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe kwangenelela amaphoyisa, ebakhuza ukuthi umnikazi womuzi akanacala futhi konke akuyekelwe ezandleni zawo.
“Sibona ukuthi anele ahamba, baqala phansi,” kusho uNksz Khumalo.
Usole owesifazane ambize ngegama ethi wuye ophehle udweshu ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe lona wesifazane ubesabalalisa ulwazi olungelona, ethi ingane iqotshiwe yenziwa izicucu, nokuyinto athi igovuze umphakathi, baqala phansi badinwa.
Uveze ukuthi umsolwa owayengasolisi, wayedabukisa njengawo wonke umuntu ngesikhathi kucingwa ingane.
Uthe kwaze kwaba yintambama lapho amthumelela khona umyalezo, oyindida, naphuza ukuwubona ngenxa yokucisha kweselula, iphelelwe yi-battery.
Uthe bekusaphele izinyanga ezintathu lona wesilisa eyisiqashi kubo, nokho wathi ubevame ukuchitha isikhathi esiningi emzini wentombi yakhe eyinesi.
Uthe bekungakaze kube khona okusolisayo ngaye njengoba ebekhonze ngisho ezakubo (kaSamke) izingane ezineminyaka emine (eyintombazane) neyishumi (engumfana).
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi umphakathi ushise umuzi emva kokuzibuza imibuzo engaphenduleki ngesigameko.
“Kuningi umphakathi ozibuza khona. Isibonelo nje, ukuthi umastende waze nini ukuthi kunesidumbu sengane emzini wakhe?” kusho umthombo.
Uthe umastende wathi ingane yaphuma yahamba emva kokuyithuma amaphilisi ezinhlungu.
“Umbuzo uthi, uma iphume yahamba, uyithole kanjani pho umfana ohlala ngasesangweni? Kunokushayisana kwezikhathi kusuka ngesikhathi umfana azicebe ngaso u-06.50pm ntambama kuze kuba umama (umastende) ubikela amaphoyisa ngoba esewabona,” kusho umthombo.
Okhulumela umndeni kamufi, uMnuz Sandile Mhlongo, uthe akukho angakuphawula ngokushiswa komuzi ngaphandle kokuthi ababandakanyeki, isigameko senzeke bebematasa namalungiselelo omngcwabo.
Umufi uZanokuhle Khumalo (7) ungcwatshwe ngeSonto. Waduka ngoMsombuluko, evakashele kwamastende. Isidumbu sakhe esasixhishwe kuplasitiki satholwa ngaphansi kombhede endlini yesiqashi, esagcina siboshwa, sesibalekile.