ZISINDISWE ukulala komakhelwane kungqongqa umuzi wakubo, izingane okuthiwa bezisele zodwa impelasonto yonke unina eyozijuxuza ezindaweni zobumnandi. Lesi sigameko senzeke endaweni yaseFuyeni ngaphansi kukaMasipala waseMfolozi.
Omakhelwane bathi sebekhulume kwaze koma amathe bezama ukukhuza isihlava sokuthanda ukujuxuza okuthiwa kwenziwa nguNksz Nomthandazo Buthelezi (33), okuvele ukuthi ujwayele ukuhamba ashiye izingane ezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa nengu-13 zingagadwe umuntu. Kuthiwa uhamba nabangani bakhe uma kuyimpelasonto aze abuye emva kwezinsuku ezintathu.
Kuthiwa kusize ukuthi izingane ubezishiye kwamakhelwane ngesikhathi umuzi ugqabuka amalangabi ngoMsombuluko izintatha, okusolakala ukuthi kubangelwe ukubuya kukagesi.
UNksz Phumelele Ncanana, ongomunye womakhelwane, uthe bagijime baze babafishane ngesikhathi kusha lo muzi ngoba bebezitshela ukuthi ungqongqa nezingane.
“Ngiphashanyiswe ngomunye umakhelwane obeshaya isicabha ethi kuyasha. Siphume sitatazela ngoba besinesiqiniseko sokuthi izingane zisele zodwa njengoba bekuyimpelasonto. Ngenhlanhla sithole ukuthi izingane zigcine zilale kwamakhelwane lapho bezidlala khona,” kusho uNksz Ncanana.
Uthe kade babezama ukukhuluma noNksz Buthelezi ukuthi awuyeke umkhuba wokuphuma ayojuxuza ashiye izingane zodwa. Uveze nokuthi uNksz Buthelezi uhlala yedwa nezingane zakhe njengoba abazali bengasekho. Uthe nezihlobo zakhe bazibikele ngendlela aziphatha ngayo, ebeka impilo yezingane engcupheni, nazo sezike zafika zizama ukumkhuza kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
Uthe sebenxuse ukuthi okungenani kungenelele osonhlalakahle ukuze kugwemeke ingozi engehlela izingane ngenxa yokuziphatha kukanina.
IMeya kuMasipala waseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ebihambele indawo yesigameko izolo, ithe okududuzayo ukuthi awukho umphefumulo olahlekile kulesi sigameko yize kukhathaza ukuthi uNksz Buthelezi ubengekho ekhaya.
“Siyakukhuthaza kubantu abasha ukuthi uma usuwumzali awulenzi iphutha lokuthi uhambe ushiye izingane zodwa uma kukhona lapho uvakashela khona. Kodwa njengoba kushe amapasi nezitifiketi zezingane, sizomlekelela kukhona konke lokho,” kusho uBhengu.
Imizamo yokuthola uNksz Buthelezi ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belusavaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.