KULEZI zinsuku abantu abaningi bayazifela ngokuba nesikhumba esibusheshelezi esikhazimulayo abaningi abakubiza nge-glow.
Ezinkundleni zokuxhumana kunamakhasi amaningi aluleka ngezinto ongazisebenzisa uma ufuna ukuba nesikhumba esinje, kusukela ekususeni izinduna, amabala, nokukhanyisa isikhumba esinezisihla.
Abantu basebenzisa izinto eziningi ukuze babe ne-glow njengokuphuza amaphilisi athile nokugcoba kodwa muva nje abasendimeni yokuzicwala bathi indlela engenisile yokuzicwala yokwenza isikhumba sibe bushelelezi ukusetshenziswa kwamavithamini angangeni ngomlomo kodwa afakwa ngemijovo emincane kujovwe isikhumba okwaziwa nge-micro-needling,ebuye yaziwe nge-collagen induction therapy.
Kule ndlela kusetshenziswa izinaliti ezincane ezikwi-micro needling pen. Phakathi kwezinto ezenziwa ile ndlela yokuzinakekela ukwenza isikhumba sibe bushelelezi, ukususa izibazi, ukusiza isikhumba ukuthi sikwazi ukumunca masinyane imithi yokwelapha isikhumba, ukhilimu wokugcoba noma ukusikhuthaza ukuthi sikwazi ukukhiqiza i-collagen ngokwaso.
UNksz Philile Ngcobo wenkampani ecwala isikhumba kusetshenziswa izindlela ezintsha kuzo okukhona nayo imicro-needling, iSkinPlus, uthe ezinalitini ezincane ezingena esikhunjeni kusuke kunengxube yamavithamini ahambisana nokuthi umuntu ufuna ukwenziwani nokuthi ufuna ukuzuzani.
" Kunamavithamini afanayo nalawa abantu abawaphuza ngomlomo, umehluko ukuthi wona angena ngqo esikhunjeni. Le ndlela yokwelapha noma ukuzicwala isingenisile nakwabamnyama abayiqondayo ukuthi isebenza kanjani. Iningi eliyisebenzisayo lineminyaka ephakathi kuka-20 kuya ku-30 bayisebenzisela ukuthi babe nesikhumba esibushelelezi," kusho uNksz Ngcobo.
Uthe kunelinye iqembu elineminyaka engaphezulu kwengu-40 eliyisebenzisela ukuthi isikhumba salo singagugi ngokushesha ngoba kule minyaka isikhumba esisebusweni sisuke sesiqala ukuthamba ngenxa yokuhamba kweminyaka.
" Kunabantu abafuna ukuthi bahlale bebukeka bebasha nabo bayisebenzisa kakhulu imicro -needling," kusho yena.
Uthe lolu hlobo lokuzicwala alubizi kangako, kuya ngokuthi kufakwe maphi amavithamini emjoveni.
"Kunezindawo ezenza lolu hlobo lokuzicwala ngemali eqala ku-R350. Uma usaqala kudingeka ukuthi uye kanye noma kabili ngesonto. Ngokuhamba kwesikhathi uyisebenzisa ugcina usuya kanye ngenyanga noma kanye ezinyangeni ezintathu kuye ngokuthi usebenzisa maphi amavithamini," kuchaza uNksz Ngcobo
Uqhube wathi into enhle ngalolu hlobo lokuzicwala ukuthi lulungele zonke izinhlobo zesikhumba futhi abukho ukungozi obungakanani kukho ngoba kufana nokuphuza amavithamini.
"Abanye baye bathi bezwa ubuhlungu esikhumbeni esiphongweni nasekhaleni, uma umpofu ubuso buba bomvu ngesikhathi uqeda ukwenza kodwa uma unesikhumba esizothile akubi khona okubonakalayo," kusho yena.