KUNGENELE abazalwane ukulanda umfundi ka-matric obeshiye umndeni ukhungathekile emva kwemibiko yokunyamalala kwakhe, kuthiwa utholwe eCape Town.
U-Alwande Dlamini (18) ofunda esikoleni iMenzi High, okubikwe ngokunyamalala kwakhe ngesonto eledlule, kuthiwa ulandwe ngabazalwane abakhonza nonina omncane bambhukhela ithikithi lebhanoyi, emva kokuvela kokuthi ukuleliya dolobha. Wayegcine ukubonwa eya esikoleni, wangabe esabuya.
Unina ka-Alwande uNksz Hlengiwe Dlamini, uqinisekise ukuthi indodana yakhe idube ikhaya kanti kayaziwa imbangela yokuhamba kwakhe futhi naseCape Town akanazihlobo.
“Ngikhuluma nawe-nje ngiphuma esibhedlela ngoba kudingeke ukuthi aqale esibhedlela ukuze ahlolwe ukuthi azikho yini izidakamizwa azithathile ezimenze wathatha lesi sinqumo. Akukho okutholakale egazini ukuthi ukusebenzisile futhi asikho isizathu asivezayo esimenze waya kude kanje,” usho kanje.
Uthe umtshele ukuthi ubehamba emisa izimoto waze wafika eCape Town, okuthe emva kwezinsuku ezine, kwacaca ukuthi akazi muntu kuleya ndawo okusize ukungenela kwabazalwane bamlanda, ufike ewumqemane.
UNksz Dlamini uthe indodana yakhe ilahlekelwe kakhulu ezifundweni, njengoba inyamalale kubhalwa kanti ibingafuni ukukhuluma naye ngesikhathi ibhungukile, beyiveza kubangani bayo ukuthi ikuphi okuyibo abagcine behlabe umkhosi yalandwa.
Yize engandanga ngamazwi kodwa uthe kukhona abakubanga nayo kodwa bekungakaze kumfikele ukuthi izothatha isinqumo sokulaxaza isikole, wathi akudingayo ukuthi isimo sayo somqondo sibuyele kwesejwayelekile, ibuyele esikoleni khona izokwazi ukubhala.
Uqinisekise ukuthi ithola izeluleko ngokomqondo, mhlawumbe emva kwalokho bazokwazi ukuhlala nayo bewumndeni ibalandise ngohambo lwayo olushiye umndeni namalungu omphakathi edlinza ngokuthi hleze kukhona okubi okuyivelele.