KUNGASE kuphenduke amatafula ngomphumele wokhetho lwe-ANCWL obelubanjwe e-Nkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngempelasonto esiphuma kuyona.
Ingqungquthela ye-ANCWL beyikhungethwe yizixakaxaka. Kuke kwaba nezinkinga zokubhaliswa kwezithunywa okuthathe isikhathi ngoba bekumele kucace ukuthi izithunywa ebezihambele lengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha, yilezo obekumele zibe khona ngempela yini kuyona.
Ezinye izithunywa zike zahamba ziyokhala emahhovisi esifundazwe ngenxa yokuthi bezingavumelekile ukuba yingxenye yalengqungquthela yokukhetha ubuholi.
Izinkinga ebezikhona zize zadala ukuthi ingqungquthela ingaqali ngoLwesihlanu kodwa iqale ngosuku olulandelayo ebusuku. Bekumele iphele ngeSonto kodwa kuze kwashaya uMsombuluko kungaphelile ukubalwa kwamavoti.
Kukhona neVidiyo eputshukile. Obekhuluma kule vidiyo, usola i-ANC ngobugebengu, ubize ababekade bekugoqa ngamavoti, uzwakala ethi amavoti azogoqelwa olwandle. Kugcine kunokuphawula okukhulu ngayo ezinkundleni zokuxhumana.
Ezakamuva ngomthombo weSolezwe Online, ongashayi eceleni, zithi kube nesivumelwane sokuthi amalungu eRegional Task Team yaseTolomane Myayiza naseMzala Nxumalo angavotanga nawo bekumela avote. “Nalabo abahambe zonke izigaba zokuvota kodwa bagcina bengavotanga nabo bazolithola ithuba,”kusho uMthombo ocele ukungadalulwa ngenxa yokusabela ezokuphepha.
Uqhubeka umthombo uthe, kugcine kuvota amalungu eRTT kuphela. Lokhu kuvota kwenzeke ezintatha zanamhlanje (ngoLwesibili).
Lokhu kuvota kwamalungu eRTT kungagcina kunomthelela omkhulu kulemiphumela, kwazise bebengashiyani kakhulu abebengenele ukhetho. Bheka nje umphumela wesikhundla sikasihlalo, uNkk Nonhlanhla Khoza uphumelele ngamavoti angu-601 ehlula uNkk Bongi Sithole-Moloi othole angu 598, bahlukaniswe amavoti amathathu kuphela.
Oqokwe njengobhala omusha uNkk Zama Sokhabase ubesesikhiphile isitatimende encoma ukuhamba kahle kwale ngqungquthela, wabonga kakhulu kumalungu eProvincial Task Team ngomusebenzi omuhle wokuhlalisa i6th ANCWL Conference.
Lokhu ukwenze ngaphambi kwesivumelwano sokuthi kumele kuvote namalungu eRTT yaseMzala Nxumalo naseTolomane Myayiza.
Imiphumela ekhishwe izolo ntambama beyimi kanje, kwesikasihlalo bekuncintisana uNkk Nonhlanhla Khoza othole amavoti angu-60,1 kwathi uNkk Bongi Sithole-Moloi wathola angu-598.
Kwesephini likaSihlalo kube uNkk Mbali Frazer othole amavoti angu-649 ehlula uNkk Phumzile Mbatha othole angu-545.
EsikaNobhala sithathwe uNkk Zama Sokhabase ngamavoti angu-608 ehlula uNkk Matho Shozi othole angu-598.
Esephini likaNobhala sithathwe nguNkk Fikile Masiko ngamavoti angu-650 ehlula uNkk Nondumiso Cele othole-593
Kanti esikaMgcinimafa sithathwe uNkk Matozi Dlamini ngamavoti angu-608 ehlula uNkk Phindile Sishi othole amavoti angu-597.
Okungaziwa okwamanje ushintsho olungase ludalwe ukuvota kwalama eRTT alezi zifunda ezimbili. Okunye okuphinde kwatholwa Isolezwe Online ngemithombo yalo ukuthi kunenkulu ingxabano njengoba sekuvotwa nje. Kuvela ukuthi labo abebesebaziwa ngokuthi bawinile bashaya labo abavotayo.