UNOBHALA webandla lamaNazaretha eliphethwe yinkosi Phinda “Kukhanyakwelanga” Shembe, iThembezinhle, uMnuz Chansey Sibisi, ubhoboke okokuqala ngokungavakashelwa kwabo wuhulumeni noma yinhlangano ebusayo, i-ANC, ebandleni.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Online, uSibisi uthe kungenzeka ukuthi into eyenza uhulumeni angasiboni isidingo sokuza kubona wukuthi ugijimisa amavoti phambili.
Uthe uShembe uqale ngo-1910 kodwa kusukela lapho uhulumeni akaze abathande.
“Noma simhlonipha uhulumeni kodwa asimjwayele. Thina simi eqinisweni likaShembe. Asincethezi,” kubeka uSibisi. Uthe uma uhulumeni noma i-ANC iya eBuhleni isuke ingayi kuShembe.
Uthe bazoqhubeka banxuse ukuthi umholi waseBuhleni, uMnuz Mduduzi “uNyazilwezulu” Shembe nebandla baphume eBuhleni njengoba isicoco sesiphethwe yibona futhi bavunywa nayinkantolo.
Uthe uShembe wabafundisa ukubekezela ngoba naye wahlushwa wabekezela. “Sizoqhubeka sisebenzise umthetho njengamanje. Sifuna inkantolo ibhale into ezobaphoqa ukuthi baphume.
USibisi uthe akakhumbuli i-ANC ifika eNhlangakazi, ihlezi iya eBuhleni kodwa akubakhathazi lokho. Uphinde wakhala nangeSilo samaZulu, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ukuthi size sakhothama naso singakaze sibavakashele.
“Okubuhlungu wukuthi neSilo uMisuzulu kaZwelithini besingakaze sivakashe kithina eNhlangakazi kodwa sigcina eKhenani,” usho kanje.
Uthe ebandleni lamaNazaretha kunelaseKuphakameni, eBuhleni, Thembezinhle naseGinyezinye.
Uphethe ngokuthi ukungavakashelwa kwabo kuyinto ekade yaqala ngoba noMnuz Nelson Mandela kanjalo noMnuz Thabo Mbeki, bebegcina eBuhleni.
Ephawula ngalolu daba uSihlalo we-ANC KwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe bona bayawahambela wonke amabandla futhi kabangeni ezindabeni zokungaboni ngasolinye kwebandla futhi nesinqumo senkantolo kasibathinti.
“UKhongolose yinhlangano yabantu endala kanti nowayengumengameli we-ANC, uDkt John Dube, wayenobuhlobo obuhle noMqaliwendlela, u-Isaiah Shembe. Asinankinga nesinqumo senkantolo, wokomndeni lokho,” kusho uDuma.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uMengameli Cyril Ramaphosa ehambisana nobuholi be-ANC, kade behambele eBuhleni, bengaqali. USibisi uthi akakhumbuli befika eThembezinhle ekubeni yibona abaphethe isicoco saseBuhleni.