KUNXENXWA osomabhizinisi abanamabhizinisi asemancane ukuthi babhalisele ukuhlomula kuma-awards enkampani ekhiqiza utshwala, iSouth African Breweries (SAB) ama-Beyond Awards.
Le nkampani ikhiphe isimemo emabhizinisini amakhulu nasafufusa ukuthi aveze izindlela abonga ngazo futhi abavikela ngazo imvelo.
Ekhuluma esithangamini sezintatheli emahhovisi e-SAB umphathi obhekene nezokonga enkampanini, uNksz Barbara Copelovisi ongamele amaBeyond Awards uthe le miklomelo ezoba iseGoli ngo-Okthoba 3 iyindlela yabo yokugqugquzela ukuthi izinkampani zibambe iqhaza lazo ekongeni imvelo.
Uthe bahlanganise le mikomelo ngokubambisana nanohulumeni uphiko lwe-Environmental, Social, and Corporate Governance (ESG) oluyindlela yokuthi amabhizinisi angakhohlwa ukunakekela imvelo kuko konke akukhiqizayo.
“Njengoba siyinkampani enkulu kumele sisebenzise lokho ukwakha isibonelo esihle kwamanye amabhizinisi, ukuze nawo asukume akhe ikusasa elingcono,” kusho uNksz Copelovisi.
Omunye wabaphathi ka-SAB uNkk Zoleka Lisa uthe ukonga imvelo kuyinto ebalulekile kakhulu kulelibhizinisi kanye nomhlaba wonke jikelele yingakho bebone isidingo sokuthi kube nalama Beyond Awards.
“Yingakho sihlangane ne-ESG saphuma nalama-awards ngoba sifuna amabhizinisi alangazelele ukwenza okuhle,” kusho uNkk Zoleka.
“Sifisa ukuthi wonke umuntu ahambisane nathi futhi sivulelekile ukuthi abantu basitshele abafisa sikwenze ukuze lama-awards ezothuthuka,” kusho uNksz Copelovisi.
Uthe kunamabhizinisi ayihlabe esikhonkosini, aseqhamuke nezindlela zokonga ezehlukile futhi ezisebenzisa izinto ezisuka emvelweni ukonga, njengomanyolo osetshenziswa ukwakha amandla.
Uphinde wathi la ma-awards anezigaba ezine, okubalwa iSustainable Development Goals Champion Award, iBest Sustainability Award, inesigaba sosomabhizinisi abancane i-African Trailblazer Award.