UGALAGALA kwezomthetho u-Advocate Dumisa Ntsebeza SC, luthi kufanele kusungulwe ikhomishini ezophenya umonakalo wokugxambukela kosopolitiki ekushushisweni kwamacala ahlobene neKhomishini yamaQiniso (TRC).
UNtsebeza owayejutshwe yiNPA ukuthi aphenye, wethule umbiko wakhe wathi kwaba nokugxambukela kosopolitiki okwavimba ubulungiswa. I-Truth and Reconciliation Commission (TRC), yaqokwa ngoDisemba 1995 ukuze iphenye ngodlame olwenzeka ngaphansi kumbuso wobandlululo.
Ngesikhathi imenyezelwa kwathiwa inhloso yayo wukusiza ukwedlulisa okudala kuwelelwe kuhulumeni wentando yeningi. Inqwaba yabantu yafa ngezikhathi zobandlulo abanye bebulawa ngamaphoyisa abanye bebulawa wudlame lwamaqembu ezepolitiki.
Ubufakazi obushaqisayo obavela kule khomishini babuvusa iminjunju bushiye abantu bekhala izinyembezi. Kwaba nesikhalo sokuthi kube khona abashushiswayo ukuze kwedlulwe kahle kuphole izilonda.
Embikweni kaNtsebenza kuvela ukuthi kukhona izinto ezingahambanga kahle.
“ I-NPA kufanele isingule ikhomishini yophenyo oluzimele ezophenya ngokugxambukela kosopolitiki nomthelela wakho ekuphenyweni kwamacala eTRC ngo-2003 kuya ku-2017,’’ ngokombhalo wombiko.
Umbiko uveza nokuthi ithimba eliphenya amacala ahlobene neTRC linamacala angu-133, eliwacubungulayo kumanje futhi lizimisele ukuwaphothula nokuthi kube nobulungiswa. Kujutshwe abaphenyi nabashushisi bamacala abanikwe umsebenzi wokuthi basebenze ngokuzikhandla.
Abashushisi nabaphenyi banikezwe umsebenzi wokuphenya wonke amacala ahlobene neTRC bese kushushiswa uma kukhona ubufakazi obuvelayo.
I-KwaZulu-Natal inamacala awu-27 futhi yiyona ehamba phambili ngesibalo. IKZN yabelwe abashushisi abahlanu nabaphenyi abayisikhombisa abaphuma ophikweni loKlebe.
I-Eastern Cape inamacala angu-23 kanti yabelwe abashushisi abayisikhombisa nabaphenyi abayisishiyagalolunye. Kulandele iWestern Cape ngamacala awu-10 yabelwe abaphenyi abane nabashushisi abathathu.
I-Northern Cape inamacala ayisikhombisa yabelwe abaphenyi ababili. I-Free State inamacala ayisikhombisa nabaphenyi ababili.