KUCASUKE ijaji ngesikhathi umsolwa wesibili ecaleni lokubulawa komfundi ka-matric ngezibhelu ePhoenix ebalekela ukuphendula imibuzo futhi ephika yonke into abebuzwa yona mayelana nosuku lwesigameko.
UMnuz Ned Govender (32), oneziqu zeMechanical Engineering azithola eDUT, ubethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Uthweswe icala lokubulala uMondli Majola (19) namabili okuzama ukubulala oMnuz Mxolisi Putuzo noNkululeko Mangwe, esigamekweni esenzeka ngoJulayi 12, 2021.
UGovender ubelandula nanezithombe ezimvezayo, ezisuselwe kwi-video eveza ukusuka nokuhlala kwesehlakalo. Le video ngeyekhamera yomuzi ongaphesheya komgwaqo ngalapho kwenzakaliselwa khona abagilwa.
Kukhona lapho uGovender ephendule khona wathi; “Lo muntu osesithombeni (kwi-albhamu yezithombe enkantolo) kubukeka sengathi yimina kodwa anginaso isiqiniseko salokhu.”
Uzihlangulile kwabomdabu baseNdiya abenzakalisa abagilwa wathi akabazi ngoba yena akukho muntu amshaya ngomphini wepiki ayewuphethe.
“Mina ngangishaya phansi eceleni kwalapho kwakuwele khona umufi futhi ngashaya udonga lwendawo yebhizinisi lasekhaya ngomphini okwakuncike kulona uPutuzo. Inhloso kwakuwukubathusa ngifuna babaleke babuyele lapho babekade bevela khona,” kusho uGovender.
Lo msolwa ubevele acwile ezintangeni uma sekumele achaze ukuthi kungani ayenza lokhu, ephendula ngokuthi uyabona manje ukuthi ayekwenza kwakuwubulima futhi kungenasidingo.
UGovender ujikijelwe ngemibuzo enzima wumshushisi u-Advocate Bonginkosi Mbokazi wagcina esemngena emlonyeni kwangenelela iJaji Gregory Kruger.
UKruger ukhumbuze uGovender ukuthi munye umshushisi, wuMbokazi, amnikeze igunya lokubuza imibuzo hhayi yena ngakho akaphendule akubuzwayo.
Okunye okuqaphelekile obekwenziwa wuGovender, ubethi akabazi futhi akababonanga abantu ayenabo kuhlaselwa abagilwa.
Ubephika nomuntu ovela eduzane kwakhe noma komfowabo ezithombeni ethi kungenzeka ukuthi wambona kodwa wangamnaka.
Ekugcineni uKruger ubuze uGovender ukuthi ulandula konke abuzwa khona, engabe yena akashayanga muntu futhi akababonga bantu ayekade enabo?
Uvele wathi impela kunjalo, abanye abantu wayebabona kodwa angagxili ekutheni banjani futhi benzani ngoba zonke izinto zazenzeka ngokushesha.
Kuphothuliwe ukwethula kobufakazi kuleli cala. Kulindeleke ukuthi kusasa uMbuso nabamele abasolwa benze izethulo zokugcina ngaphambi kokuthi ijaji lahlulele.