LIKHOMBISE ukunengeka ijaji, lathi selikhathele ukulalela icala elingapheli elithweswe izelamani zakwaGovender, ePhoenix, elithinta izibhelu zangoJulayi 2021.
IJaji uGregory Kruger leNkantolo eNkulu yaseThekwini, bekulindeleke ukuthi ligwebe uDylan noNed Govender ngoLwesithathu, elabalahla ngamacala ngoMeyi.
Kuphoqeleke ukuthi uKruger akuhlehlisele u-Agasti 4, nonyaka, ngenxa yokungapheleli kwemibiko emayelana necala.
Umbiko we-correctional officer (kajele) ufike sekuqalile ukulalelwa kwecala, uKruger wabuza ukuthi kungani ulethwe izolo, futhi kungani engekho enkantolo owubhalile kodwa obewulethile uvele wathalalisa.
UMbuso nabameli bathe badinga isikhathi sokuwufunda. Lo mbiko ukhuluma ngothweswe icala ukuthi uma egwetshelwa ngaphandle angaqapheka nokuthi usilungele isigwebo salolu hlobo.
Umbiko oshodile oka-probation officer, awenza uma esexoxisene nemindeni yabagilwa nabammangalelwa aphakamise nesigwebo esimfanele. Kuthiwa ubengakaxoxisani nabagilwa okungabase-Eastern Cape.
“Ngithathe isikhathi sami sekhefu ngeza emsebenzini. Ngikhathele ukulokhu ngihlehlisa leli cala into engapheli ngifuna liphele,” kusho uKruger ngokunengeka.
Enkantolo bekukhona abantu bomdabu waseNdiya abebekade bezokweseka abamangalelwa nezintatheli ebezizocoshela udaba, bengabonwa nangalukhalo abemindeni yabagilwa nabaphenyi becala.
Ngaphambi kokuthi liqale icala, ummeli wabasolwa u-Advocate Carl van der Merwe SC uthathe uzakwabo u-Advocate Christo van Schalkwyk SC nomshushisi u-Adv Bonginkosi Mbokazi, baya ehhovisi likaKruger.
Ubekade eyombikela ukuthi abakulungele ukuthi lingaphothulwa izolo icala.
Kubukeke uKruger simcasulile isenzo sika-Van der Merwe, amdonse ngendlebe kuzwa wonke umuntu enkantolo ukuthi angaphinde enze okufanayo esikhathini esizayo.
“Ungaphinde uzithathele isinqumo sokuthi uze ehhovisi lami uyokhuluma izinto ezithinta icala. Konke okusuke kukhulunywa kumele kuqalwe futhi kuqedelwe enkantolo, kuqoshwe phansi,” kuxwayisa uKruger.
Phambilini, uMbuso wawukade uthwese abamangalelwa icala lokubulala owayengumfundi ka-matric, uMondli Majola (19) namathathu okuzama ukubulala oMnuz Nkululeko Mangwe, Mxolisi Putuzo noQaphelani Mkhovu.
Ijaji lakhipha phambili oGovender ecaleni lokubulawa kukaMondli ngenxa yokushoda kobufakazi kodwa labalahla ngelokushaya ngenhloso yokulimaza.
UKruger waphinde wathola bushoda ubufakazi boMbuso ekulahleni oGovender ngecala lokubulala uMangwe kodwa wabathola benecala lokushaya. Laba ababili balahlwa icala lokuzama ukubulala uPutuzo.
UMbuso walihoxisa icala lokuzama ukubulala uMkhovu owawulithweswe oGovender ngoba sewashona esehlakalweni esingahlobene nezibhelu.