UKUSHESHE asukume angalindi amathonsi abanzi, kumsizile washeshe wathola ukwelashwa uMbhishobhi Vusi Dube osanda kuthola ukuthi unomdlavuza wamankwahla.
UDube ongumholi webandla lodumo i-Ethekwini Community Church (ECC), uthi yilona khwelo alishayayo emadodeni wathi awangaqubi nje, uma kukhona angakuzwa kahle, asheshe ayofuna usizo.
Useqale nomkhankaso wokukhuthaza nokuqwashisa amadoda ngokubaluleka kokuzihlola. Uveze ukuthi akukho lapho obekubuhlungu khona ngesikhathi eyozixilonga kudokotela owafike wamtshela ukuthi usenomdlavuza.
“Ngenhlanhla udokotela ungitshele ukuthi akukonakali kakhulu ngoba umdlavuza ubungakadluleli emathanjeni. Uthe ukuba ubusudlulele khona ngabe konakele kakhulu. Enye into athe ingisizile ukuthi ngingumuntu ohlala ezivocavoca njalo. Lokho uthe kuyasiza ukuthi amasosha omzimba akwazi ukumelana nezifo ezisuke zikuhlasela. Nginxusa amadoda ukuthi angakwesabi ukuyozihlola ukuze angatholi sekonakele.
“Udokotela ungitshele nokuthi uma usuneminyaka engu-40 kuya phezulu, usuke usengcupheni yokuhlaselwa yilo mdlavuza uma ungowesilisa. Okunye okugqamayo ukuthi lesi sifo besingandile kuthina bantu abamnyama kodwa muva nje, sesigcwele kuthina,” kusho uMbhishobhi Dube.
Uthe abesilisa kumele bangasabi ukuhlolelwa lolu hlobo lomdlavuza ngoba uma usheshe wazi ngawo, uphila isikhathi eside. Ubale owayengumengameli wakuleli, uDkt Nelson Mandela, noMbhishobhi uDesmond Tutu, njengabanye besilisa abaphila kade yize babenalo mdlavuza.
UDube uzosebenzisa ukhukhulelangoqo wembizo yamadoda ayibiza ngeMen’s Conference, ezoba sesontweni lakhe i-ECC ngo-Agasti 3, ukufundisa amadoda ngalo mdlavuza. Uthe ngaphandle nje kokuqwashisa ngomdlavuza kodwa kuzobe kuyinkundla yamadoda evulelekile, kukhulunywa nangezinselelo zempilo ezikhungethe amadoda jikelele.
“Kuyona sizobe sizothinta izihloko eziningi ezikhathaza amadoda. Ezinye zazo ubunzima abhekana nabo emishadweni yawo uma kungukuthi anezingane ngaphandle komshado, othola ukuthi unkosikazi akazemukelile. Sizoba siwadodisa ukuthi ezimweni ezinjalo kumele enzenjani.”
Uthe kuzobe kukhona nongoti abehlukene abazobe becebisa amadoda ngezithinta inkonzo yasekameleni.
“Siyobe singena sigxila ekutheni uma indoda izithola isenkingeni yokungakwenzi okulindelekile, okuwukujabulisa umkayo ngocansi, kumele yenze njani. Sibheka nokuthi kwawona ke umshado kumele uqiniswe kanjani ukuthi ungaphephuki uma kufika izivunguvungu.”
Kubantu abazoba yizikhulumi kulo mcimbi kukhona uNick Nzama owaziwa ngokuba nezinkundla zokukhulisa abafana ukuthi babe ngamadoda aqotho. Kukhona nomculi wowokholo uSipho Makhabane ongagcini ngokuba wumculi kodwa ozobe ekhuluma ngokunqoba izinkinga emshadweni njengoba naye kukhona adlule kuzona. Bakhona nabanye abangabefundisi bese kuba uyena uMbhishobhi Dube.
Uthe emva kwale mbizo, kuyobe sekuhlalwa phansi kudliwe inyama yenhloko okuyinto evamise ukuhlanganisa amadoda.