UHULUMENI unethemba lokuthi kuzophendula enkingeni yesomiso samanzi ukugunyazwa ukusebenza kwedamu ebekade linwetshwa eThekwini.
UNgqongqoshe wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, uNkk Pemmy Majodina, uye kohlola iHazelmere Dam esemfuleni uMdloti enyakatho yeTheku ngoLwesihlanu.
Ukwenze lokhu emuva kokuphothulwa komsebenzi wokukhushulwa kobonda lwedamu ngamamitha ayisikhombisa ngenhloso yokwandisa umthamo wamanzi agcinwa yileli damu.
Ungqongqoshe uthe uhulumeni uhlinzeka amanzi kwizakhamuzi ezingu-90%.
“Akuwona wonke umuntu othola amanzi aphuma kwingqalasizinda esesiyakhile. Lokhu kubangelwa ukuthi icekelwa phansi, kukhona nabazidonsela amanzi ngendlela engekho emthethweni,” kusho ungqongqoshe.
Ukhuthaze abantu ukuba bonge amanzi futhi bawasebenzise ngokucophelela ngasonke isikhathi, egcizelela ukuthi ayisipho esivela kuMdali.
Udalule ukuthi ubekade ese-Egypt lapho ezwe khona ukuthi leliya lizwe lixabana ne-Ethiopia kubangwa umfula iNile River.
Uveze ukuthi ubatshelile ukuthi ayikho le nkinga emazweni aseningizimu yezwekazi i-Afrika anemifula egeleza ingene kwamanye amazwe.
Lo mnyango uthi ukugunyazwa kweHazelmere Dam ukuthi isebenze kuzokwandisa umthamo wamanzi aphakelwa imiphakathi eyakhele iTheku neLembe.
“Kube nokwanda kokwakhiwa kwezindlu esikhathini esifushane enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natal. Lokhu kuholele ekutheni kwandiswe amanzi ahlinzekwa lezi zindawo. Ngakho ukwandiswa kwedamu kuzolekelela ekubhekaneni nenkinga yamanzi kule mikhandlu,” kusho umnyango.
Ukuvulwa kwedamu kwenzeke esikhathini lapho imiphakathi esenyakatho yeTheku inenkinga yamanzi.
Eminye yale miphakathi eseNanda ihlinzekwa amanzi ngamaloli nsukuzaphuma.
Eminye iyanqanyulelwa amanzi aphinde abuyiswe ngezikhathi ezithile. UMasipala weTheku usohlelweni lokongiwa kwamanzi.