ZIMKHALELE ‘umalume’ obhekene namacala okudlwengula abafundi abathuthayo ebahambisa esikoleni esiseNdwedwe. Isigameko kuthiwa senzeke ngesonto eledlule.
Umsolwa ona-28 (igama lakhe eligodliwe kuze kuqinisekiswe imininingwane yokuvela kwakhe enkantolo), kuthiwa uboshwe ngoMsombuluko. Bekulindeke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe izolo.
Kuthiwa ubethenjwe ngabazali ngokubathuthela izingane zabo ngeveni eziyisa esikoleni esiseNdwedwe, okusolakala ukuthi kunalokho ubegugumba aye nazo kubo, afike azitike ngocansi ngazo, okushiye abazali bethukuthele begane unwabu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uqinisekise ukuthi mathathu amacala okudlwengulwa umsolwa asavulelwe wona.
“Amaphoyisa aseNdwedwe abophe owesilisa oneminyaka ewu-28 ngamacala axhumene nokudlwengula abafundi abaneminyaka ewu-15, okusolakala ukuthi isigameko senzeke ngoLwesibili nangoLwesithathu ngesonto eledlule.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoLwesibili (izolo),” usho kanje.
Yize amaphoyisa eqinisekise ukuthi isigameko senzeke ngesoto eledlule kodwa omunye wabazali okhulume neSolezwe, igama lakhe eligodliwe ukuvikela umfundi, uthe uthole ukuthi ingane yakhe yaqala ukudlwengulwa wumsolwa nyakenye.
Uveze ngoLwesine ukuthi indodakazi yakhe ayibuyanga ekhaya emva kokuphuma kwesikole. Uzwee ngomakhelwane ukuthi ibonakale ihamba nomsolwa, okuthe uma enikela esikoleni wafike watshelwa ukuthi ibingakaze ilubhade esikoleni izinsuku ezimbili.
Unikele kubo kamsolwa, okuwumuzi okhona endaweni wayithola khona, yamlandisa ngokwenzekile. Uthe iveze ukuthi beyivalelwe endlini futhi akusiyona yodwa, zikhona nezinye izingane azenze okufanayo.
Nakuba amaphoyisa engaqinisekisanga kodwa kuvele ukuthi bayisithupha sebebonke abafundi ababhekane nesimo esifanayo. Kuthiwa kukhona nabanye okuthiwa bamvulele amacala, okuthiwa waqala ukubadlwengula eminyakeni edlule besafunda uGrade 8 njengoba sebenza u-matric kulo nyaka.