KUDUMA ikhanda, akazi noma aqhubeke nesikole noma asiyeke umfana ongumfundi ka-matric okwathi uma eshayelwa umazisi newele lakhe ngunina, kwabuya okadadewabo kuphela.
UBanele Cele oyiwele no-Anele Cele abaneminyaka engu-17, bahlala eSiphingo, eThekwini.
Nyakenye, kutholakale ukuthi kunomuntu abangamazi owashintsha imininingwane yobulili bakhe nesibongo bengazi eMnyangweni wezaseKhaya.
Kusolakala ukuthi lo muntu wabe esesebenzisa izinombolo zikamazisi kaBanele ngesikhathi ebhalisa imali yesibonelelo sikahulumeni.
Unina kaBanele, uNksz Nompumelelo Cele ulandise wathi ngo-2005 emuva kokuteta amawele, waya ukowabhalisela ukuthi athole imali yeqolo ngoba wayengasebenzi.
Uthe kwathi noma kuvaleka imali yeqolo kaBanele emuva kweminyaka, lokho wangakuthathela phezulu ngoba wayesesebenza futhi eyihola imali ka-Anele.
Uveze ukuthi ngesikhathi sekuphele umsebenzi ngo-2016, waya kwaSassa eyobuza ukuthi kungani engasaholi uBanele, watshelwa ukuthi ngo-2012, kukhona umuntu oseningizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natal ongowakwaCele, owantshontsha inombolo kamazisi yalo mfana wenza ubugebengu.
UNksz Cele uthe watshelwa nokuthi abantwana bakhe bangamantombazane kodwa lona owesibili akamazi ungubani.
“Kwabe sekuthiwa angibenzele izitifiketi ezintsha ezinanemininingwane yami, nebala ngazithola, waqhubeka uBanele wahola. Kuthe ngoMashi 2022, sengibenzela omazisi, kwabuya oka-Anele kuphela kwathiwa inombolo kamazisi kaBanele seyavalwa kayisasebenzi,” kubalisa uNksz Cele.
Uthe usegqigqe wakhathala eMnyangweni wezaseKhaya eshoniswa ngapha nangapha engasizakali.
“Ngaya nakudokotela nasesibhedlela ngokomyalelo wabo ngiqinisekisa ukuthi uBanele ingane yami futhi ungumfana ngaze ngaxhumana nabasePitoli, ekomkhulu laseMnyangweni wezaseKhaya kodwa ngangasizakala,” kusho uNksz Cele ngosizi.
Uqhube wathi nasehhovisi eliseProspecton ngaseSiphingo, bayamchitha manje akasazi enze njani ingane ayinamakhadi asebhange, ayiholi isibonelelo, ayikwazi ukwenza izincwadi zokushayela okukhulu ukuthi ingase ingawubhali u-matric.
Ayiphumelelanga imizabo yokuthola ukuphawula kukaMnuz Cyril Mncwabe okhulumela uMnyango waseKhaya KwaZulu-Natal, okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.
Okhulumela iSassa KwaZulu-Natal, uNksz Sandy Godlwana, uthe uma bebheka emishini yabo, zombili lezi zingane ziyayihola imali yesibonelelo ezaqala ukuyithola ngo-2005.
“Ayikaze inqanyulwe le mali ngakho unina wezingane kumele ayoyibheka ePosini noma kwi-ATM imali yesibonelelo yakule nyanga,” kusho uNksz Godlwana.
Ube eseluleka uNksz Cele ukuthi aye eMnyangweni wezaseKhaya ayobacela ukuthi bamkhombise izitifiketi zezingane ngoba uma kukhona ozishintshile, lezi zingane ngeke zikwazi ukuhola imali yesibonelelo.